ABAHLONIPHANE abantu besifazane. Lawa ngamazwi abeshiwo ngabantu besifaze ngenkathi besaqhubeka nmgubho wenyanga yabo Emfundweni, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngenkathi bebenokhukhulela ngoqo womkhuleko womama bamabandla ahlukahlukene. Bonke bebesukuma beshumayela ngazwi linye bethi sakhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu futhi sazalelwa ukuba sizilekelela abantu besilisa. Bebethi kukho konke ukuhlukumezeka kanye nodlame olubhekiswe kubo njengabantu besifazane kumele konke lokho bakubhekise kuJehova. “Bathe asithembeleni eNkosini,” besho. Baqhube bathi akufanele ukuthi umuntu wesifazane athi ngiyindoda ngingumfazi noma ngabe ubhekene naziphi izinselelo, kodwa hlala ungumuntu wesifazane uhlale endaweni yakho noma ngabe kunzima kodwa konke ukubhekise kuJehova. “ Umuntu wesifazane okulenkonzo kumele aphume eshintshile kungafani nangalesikhathi ubephuma ekhaya eza enkonzweni. Bathe umuntu wesifazane unamandla , kanti futhi amandla omuntu wesifazane ahambisana nesithunzi yingakho kumele azihloniphe ngaso sonke isikhathi. Bathe abantu besifazane kumele bahloniphane , bangacwasani futhi bangahlebani noma ngabe inini ngoba babaluleke kakhulu naphambi kwamehlo kaNkulunkulu.