NGAMAQEMBU angenele ukhetho lokuchibiyela kuWadi-28 eMajuba
AKWAZIWA ukuthi iliphi iqembu elizonqoba ukhetho kuWadi-28,eMadadeni, eNewcatle, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Lolu khetho luza nje emva kokuba owabe enguSekela Meya eNewcastle , uMnu Musa akaShukela Thwala, wakhonjwa indlela iqembu lakhe kwase kuphoqeleka ukuba akhishwe nasebukhanseleni. Uphuma nje ebukhanseleni ubesengasuyena usekela meya woMkhandlu waseNewcastle emva kokuba kugqabuke ifindo lomshado lweqembu lakhe i-Team Sugar SA kanye ne-Inkatha Freedom Party, ngoba baqoma ukubusa ngokubambisana emva kokuba lalingekho iqembu eliwine ngamavoti alibeka ethubeni lokuba libuse ngalodwana ngenkathi kwakunokhetho lwesifundazwe ngonyaka u-2021. Amaqembu angenele lolukhetho olubhekwe ngabanzi awu-6, okubalwa kuwo EFF, TSSA, IFP,MK, ANC kanye ne-Rise Mzansi. Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu eliqeda kusungulwa elingenele ukhetho lokuqala lukazwelonke nolwezifundazwe i-MK Party iqedas kwenza ezibukwayo, ngoba yaba iqembu elihambe phambili esifundazweni i-KwaZulu-Natal nanxa , lingazange likuthole okubili kokuthathu (2/3 majority), ukuze libuse kulesifundazwe. Kuzokhumbuleka ukuthi nakuzwelonke alikho iqembu elitholala amavoti amabili kwamathathu lokhu okudale ukuthi kubekhona uhulumeni wobumbano. Kuvelile ukuthi uMnu Thwala wasiponsela inselelo isigameko noma isinqumo sokuxoshwa kwakhe eqenjini okwaholela ukuba kuvuleke lesikhala sokhetho lokuchibiyela futhi nenkantolo yavuna yena, kanti njengomphathi waleliqembu futhi nakulolukhetho lokuchibiyela olwavela emva kokuba ekhonjwe indlela , kufoloswa ngaye. I-MK ifolosa ngoMnu Mesuli Mhlengi Mabaso, i-TSSA,ifolosa ngaye umholi wayo uMnu Musa Shukela Thwala, i-ANC, ngu-Praismon Buti Maya kanti i-IFP yona ifolosa ngoMnu Johan Bheki Zwane. Ngenkathi intatheli yaleli phephandaba Izwi Lomphakathi News ,ihambele izikhungo zokuvota ezintathu itende le-EFF kanye nele-Rise Mzansi ebangabonwa nangokhalo. Luyaqhubeka ukhetho kusasa mhlaka 17 July 2024, olubhekwe ngabanzi.