AMAPHOYISA asOsizweni aphenya icala lokubanjwa inkunzi kuhlonyiwe e-Inverness Farm, emgwaqeni. Kuvelile ukuthi imgilwa wabe ehamba ngezinyawo ngenkathi imigulukudu emihlanu , okuyilapho emibili yafike yamdlula , kwathi laba abathathu babe sebemgwaza ngemuva. Amaphoyisa athe bamgwaza ngemuva, ngenkathi ewa phansi babe sebemphuca umakhalekhukhwini wakhe babe sebeshaya utshani. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka kodwa akukaboshwa muntu. Kwelinye icala elingahlobene naleli , amaphoyisa aseMadadeni aphenya icala lokukhuthuza nelokushaya okwenzeke esiGcemeni sesithupha,eMadadeni. Okhulumela amaphoyisauLizzy Arumugam uthi esitatimendeni kuvulwe icala lokubamba inkunzi nelokushaya. Uthe mhlaka 7 June 2024, umgilwa wabe ezihambela emgwaqeni ngenkathi ehlangana nomakhelwane wakhe esoyofika ekhaya , umakhelwane wamsola ngokuphuza yedwa wabe esemshaya, wamphuca nemali abe eyiphethe ngaleso sikhathi. Uqhube wathi ngenkathi esewe phansi umakhelwane wakhipha umese Okapi wasabisa ngokumgwaza, emva kwalokho wamkhuthuza wathatha imali yakhe kanye nomakhalekhukhwini. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.