NGU-JONAS George Tsautse ofunwa ngamaphoyisa ngecala lokubulala Isithombe: SITHUNYELWE
AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal anxusa noma ngabe ngubani ongawasiza ukuba abophe umlisa oneminyaka engu-33 ubudala ongu-Jonas George Tsautse obhekene necala lokubulala umlisa owayeneminyaka engu-32 ngonyaka ka-2020 ngenkathi ebulawa.
Kubikwa ukuthi uMnuz Meluleki Mbewana wadutshulwa wabulawo nguTsautse ngoSepthemba 23 ngo-2020 ngenkathi beba nokuhilizisana bephuma ekilabhini eSydenham, eThekwini, nokukholakala ukuthi ekuhilizisaneni kwabo uTsautse wabe esekhipha isibhamu wadubula wabulala uMbewana.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthi ngemuva kokuba uTsautse esedubule uMbewana wabe esengena emotweni yakhe washaya wachitha.
“Kwabe sekuvulwa icala lokubulala khona eSydenham, kwathi emva kwesikhathi uTsautse wazinikela emaphoyiseni. Wabe esethweswa icala lokubulala, wavela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, wadedelwa ngebheyili.
Kwakumele abuyele enkantolo ngoFebhuwari 22 kulo nyaka, kodwa akabange esabuyela, okuyingakho sekukhishwe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe uma etholakala.
“Uma etholakala kumele avele eNkanto yesiFunda eThekwini, ebhekene nalo leli cala lokubulala uMbewana nelokungaveli enkantolo ebiziwe ukuthi azoqula icala, kanti okwamanje akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.”
Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi ngo-Tsautse ukuthi athinte uSergeant Thabethe ku- 082 458 5549 noma ku-Crime Stop enombolweni engu-08600 10111.