AMAVULANDLELA (SCOUT) afundise inhlonipho nendlela yokuziphatha uma usakhula. Lamazwi ashiwo ngoKhomishana wamasikhawothi eMajuba uMnu Cambridge Mncube, eNkabana Primary School,eBlaaubostch, enewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, ngenkathi bekugujwa iminyaka ewu-40 kwasungulwa noma kwakhiwa isikole iNkabana. Uthe amavulandlela akhona esikoleni iPhendukani , Nkabana , Sesiyabonga kanye naseDannhauser Combined. “ Amavulandlela afundisa izingane ngempilo, inhlonipho kanye nokuzigqelelanisa nezidakamizwa,” esho. Uqhube wathi sesifake namantombazane ukuba abe ngamavulandlela ngoba kuqala kwakukhona uphiko lwamantombazane olwalubizwa ngama Girls Guide. Uqhube wathi siyabafundisa nokupheka ngaphandle kokusebenzisa ibhodwe. Uphethe wathi sibafundisa izinto eziningi ngaphandle kokuziphatha ngoba amavulandlela agqugquzela inhlonipho ebantwini. “ Ngihlale iminyaka ewu-20 ngisebenza njengothishanhloko wakulesikole okuyilapho ngahlangabezana nezinkulu izinqinamba nezinselelo kulesikole,” kusho uMnu BB Hadebe, owaba nguthishsnhloko iminyaka ewu-20. Uthe ngahanjelwa intokazi esencane emhlabeni eyabe ifundisa kulesikole , nginezinyanga eziwu-3 ngiqalile ngingumphathi sikole. Uthe sahamba sayoyibeka endaweni yayo yokugcina eMatatiela. Uqhube wathi ngeke ngizilibale lezigameko ngoba emva kwalokho kwahamba emhlabeni uMaZondi, umisi Sithole. Uthe sasisebenza ntambama mhla ngithola ucingo olungitshela ukuthi usendlulile emhlabeni. “ Okuhle engifisa ukukundlulisa ukuthi lesikole sikhulile kakhulu kunakuqala lokhu okwenziwa ukuzinikela kwamathishela, isigungu sabazali , abazali kanye nabantwana abafunda kulesikole,” esho. Uthe uNkk S Zuma wabe eyisekela lami ngalesosikhathi. Uthe ngibonga umphakathi wakulendawo nobhuti uSibusiso Hadebe ngokusiphatha kahle futhi nguyena owasivumela ukuba isikole sisakhe lapha. Uthe asiqhubekeleni phambili kufundiswe abantwana. Uthe angizinyezi ngoba lesikole sigubha leminyaka ewyu-40 , sabakhona . Uphethe ngokuthi nokugqokwa kwalezikibha ezibhalwe iminyaka ewu-40 kusho okukhulu kithi.