ASISAVAMISILE ngengesiFundazwe saKwaZulu-natal, ukuba sifinyelele lapha sifinyelele khona ngokuphasa ngamalengiso! Lamazwi ashiwo nguNgqongqoshe weZemfundo KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Frazer ngenkathi ubethula inkulumo yakhe emfushane ngoba ubendlula ngenkathi kuklonyeliswa abafundi. Uthe ngibone ukuthi angingahlali ngingandlili kulombungazo ngoba ngikhona lapha esifundeni. ” Sisuka kuge njengesizwe lapho okwathi umuntu wesifazane uma ekhulelwa khona esikoleni efundisa kuthiwe akayohlala ekhaya,” kusho ungqongqoshe Mbali Frazer. Uqhube umuntu wesifazane uma ekhulelwe kwakuthiwa akayohlala ekhaya, akhulise umntwana bese eyabuya, kodwa lokhu akusenzeki manje. Uthe manje sekukhona ukulingana ekuqashweni kwabantu besilisa nabesifazane beqashelwa ezikhundleni eziphezulu (50/50).. ” Amaholo abantu besilisa nawebisifazane abengalingani kodwa manje aseyalingana, “kusho yena. Uthe abantu besifazane bebengaqashelwa ezikhundleni eziphezulu manje sekuyenzeka, Uqhube wathi ngifuisile ukuthi uma kuzobongelwa abafundi, amathishela nabazali nami ngibe yingxenye nanxa kukhona engibhizi ngak, kodwa ngizohalalisela abafundi abenze kahle. Ukhale ngokuthi babhekene nezinselelo lapho abazali bevala amasango uma befuna izimfuno, wathi abakuyeke lokho ngoba izikole indawo yokufunda kwakhiwe ikusasa labantwana. ” Uma nifuna izimfuno hambani niye eminyangweni efanele hhayi ukvala amasango ezikole niphazamise ukufunda, nibe nidinga amanzi nogesi.Uphinde wagxeka kakhulu abafundi abaphatha izikhali ezikoleni, ezifana nezibhamu kanye nemimese okwenza ukuthi amathishela nabafundi kubekwe izimpilo zabo encupheni.