NGUMEYA wase Majuba ngenkathi kuklonyeliswa abafundi abaphase ngamalengiso
UKUBA kuya ngokuthanda kwethu ngabe bonke ababambe iqhaza empumelelweni yabantwana bethu ngabe sinaBo namhlanje ukuzobungaza lomsebenzi omuhle kangaka owenziwa izingane zethu. La mazwi ashiywe nguMeya wesiFunda Amajuba , uMntwana Ndabuko Zulu,ngenkathi bekuzoklonyeliswa abafundi abaphase ngamalengiso esifundazweni. “ Isifunda sethu ukuthi sikwazi ukubamba indawo yesithupha iKwaZulu-Natal yonke, kusho lukhulu kithina,” kusho uMeya uMntwana Ndabuko Zulu. “ Izikole eziyisithupha kwisifunda sethu zathola o-100% lokho kukodwa kufanele sikushayele ihlombe. Iqhaza elidlalwe othisha kulolu hambo angeke silubukele phansi. Ngicabanga ukuthi umkhakha wobuthisha iwona onzima kunayo yonke, kodwa okusithokozisayo ukuthi noma kulitshe kunjalo bayakwazi ukusikhiqizela imiphumela esithokozisa kakhulu sonke.Ngizoniyala njengezami izingane, uhambo lwenu angeke lube lula, indlela eya empumelelweni ayikaze yalula,” esho. Uqhube wathi okwenu ukukhumbula ukuthi uphumeleni ekhaya, ningalinge nivume ubukhazikhazi kwasemadolobheni amakhulu kuniphazamise emaphushweni ebeninawo kusukela nisakhula. “ Umuntu nomuntu uyazikhandela yena ikusasa lakhe, akulona ikusasa elihle elizizela kuwena, elanda uMeya Zulu. “ Imiphumela yenu icaba indlela yekusasa eliqhakazile okungenzeka nilicoshe uma ningavumanga okomhlaba kuniphazamise,” kusho Umeya Zulu. Uthe sinethemba elikhulu ke ukuthi imiphumela emihle eniyitholile izonivulela amathuba emifundaze lokho okuzokwethula umthwalo emahlombe abazali. “ Nenze isiqiniseko ukuthi nikhetha ukufundela imikhakha ezonilethala amathuba emisebenzi lawa asedingeka manje, njengoba sizwa futhi sesiyabona ukuthi siphila esikhathini se Fourth Industrial revolution (4IR). Esisiphoqayo sonke ukuthi siguquke kanye nalo ushintsho,” ephetha.