ISIKOLE i-Haladu Primary School, esiseNquthu, esingakaze silungiswe kusukela saphephuka ngo-2021, nokusolwa nothishanhloko waso ngokuqasha ngobungani nobuhlobo Isithombe: SITHUNYELWE
OTHISHA besikole samabanga aphansi, i-Haladu Primary School, eNquthu, bakhomba ngenjumbane uthishanhloko ngokuphatha ngesandla sensimbi nokusebenzisa amandla akhe ekuqasheni abangani nezihlobo nokuba nobudlelwano bothando nomunye wothisha bakulesi sikole.
Othisha bakulesi baseHaladu Primary abakhulume ne-Izwi Lomphakathi, bakhomba ngenjumbane uthishanhloko wakulesi sikole ongowesilisa – eligodliwe igama lakhe – ngokusebenzisa amandla akhe ekuqasheni abangani nezihlobo zakhe.
Bathi njengoba bona bengenabudlelwano nothishanhloko bazithola sebehlukumezeka ngokufuhlekwa ngomsebenzi omningi, ongaphezu kwamandla, kuthi obhululu bakhe banikwe umsebenzi omncane (work load).
“Sikhuluma nje kumanje kukhona othisha okuphoqeleke ukuthi bafundise i-Maths (izibalo), ekubeni bengakaze bayifunde ngisho emakolishi, lokho sikuthatha njengokuhlukunyezwa nokungakuboni ukubaluleka kwemfundo esemazingeni aphansi ngoba yiyona eyisisekelo semfundo kuya phezulu,” kusho omunye walabo thisha abakhathazekile.
“Thina esingasizo izihlobo nabangani (bakathishanhloko) asiphathwa kahle neze, sesiyazihudula nje ukuya msebenzini ngenxa yokuhlukumezeka esibhekene nakho. Ukufunda nokufundisa akuhambi kahle kulesi sikole, futhi sekuneminyaka silubika udaba lwethu eziphathinimandla nasenyunyaneni yothisha i-South African Democratic Teachers Union (SADTU), imbala, kodwa akwenzeki lutho.”
Baqhuba ngokuthi bayaphoqwa ukufundisa izifundo abangazazi, abangazifundanga ekolishi noma ezikhungweni zemfundo ephakeme, benza isibonelo ngokufundisa i-Mathematics ekubeni abanye babo begogode esifundweni se-History (ezomlando) nezinye ezingasondelene nalezi abaphoqelelwa ukuzifundisa.
“Sibhekene nengwadla kulesi sikole ngoba nabantwana bayahlukunyezwa ngoba bayaphoqwa ukuthi bacele imali kubazali (fundraising) bese idliwa nguthishanhloko nabangani bakhe.
Okubi kakhulu kulesi sikole uma umfundi engenalo ipeni noma ipensela yokubhala lo thishanhloko uyamxosha athi akabuyele ekhaya ayoyilanda, lokho okubeka impilo yengane ebungozini ngoba isuke isihamba yodwa ibanga elide ingase ivelelwa yingozi ngenxa nje yepeni.”
Labo thisha abakhathazekile baphinde baveza nezinsolo zokuthi abanye bozakwabo besilisa banobudlelwano bothando nabafundi bamantombazane, kangangokuba omunye wabafundi waze wakhuleliswa ngomunye wothisha, wabeletha, kodwa akangathathelwa zinyathelo uthisha ngalesi senzo esiphambene nomthetho wezeMfundo, phezu kokuba balubika udaba lwakhe.
Kuphinde kwavela nokuthi lesi sikole selokhu saphephuka ngoDisemba ka-2021, kodwa abomnyango bayafika bethi bazolungisa, kodwa kuphelele emoyeni.
Ethintwa yileli phephandaba okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, walile ukuphumela obala ngezinyathelo abahlela ukuzithatha njengomnyango ngezinsolo ezibhekiswe kuthishanhoko wakulesi sikole, kodwa wakubeka kwacaca ukuthi othisha bayazi lapho okufanele bazidlulisele khona izikhalazo zabo.
“Othisha bayayazi imigudu okufanele bayilandele uma benezikhalo. Phakathi kwaleyo migudu, kubalwa ukuxhumana nabahloli emahhovisini ezifunda (district offices), esikhundleni sokugijimela kwabezindaba,” kushaya ngamafuphi uMahlambi.
UNksz Nomarashiya Caluza , onguNobhala weSouth African Democratic Teachers Union (SADTU) esifundazweni , kuze kwashaya isikhathi sokushucilela engakaphenduli imibuzo athunyelelwe yona mayelana nalezi zinsolo zaseHaladu Primary.