NGABASIKI benqephu abasafunda ezikoleni zamabanga aPhakeme ezihlukene.
KUNGOKOKUQALA abasiki benqephu abafunda ezikhungweni ezahlukene eziPhakeme, KwaZulu-Natal, bemangaza amajaji ngobuciko bokusika inqephu kanye nokukhombisa amakhono ehlukene ngoba kubhekwe kowe- ‘Ride the Wave, okuyisiqubulo kubhekwe emjahweni omkhulukazi owaziwa ngokuthi i-Hollywoodbets Durban July. Kuvelile ukuthi ngoLwesibili bekuwusuku lamajaji ukuba abuke umsebenzi ngoba kubhekwe kulomqhudelwano owaziwa kakhulu ngokuthi1-Hollywoodbets Durban July Young Designer Award , ehlelwe yi-Durban Fashion Fair, ukuze aphinde ahlunge abazondlulela esigabeni esilandelayo somqhudelwano. Kuphinde kwavela ukuthi amajaji abebhekene nomthwalo onzima ukuba aqoke abahamba phambili kulaba basiki benqephu , nokuhlonza ozobaqwaqwada emakhanda ngoba bonke banamakhono emsikweni ngoba nesibalo sabo besiwu-100 , okwenze amajaji athwale kanzima kakhulu ukuthi abebengenele baningi kakhulu. Ngokusho kongumxhumanisi weHollywoods Foundation, uVuyisile Ngobese uthe umsiki wenqephu ngamunye bekumele akhombise umongo , ugqozu nofuqufuku olumayelana nalomjaho obizwa nge-Hollywood Durban July 2024, ozoba ngenyanga ezayo mhlaka 6 July 2024. Uthe namhlanje bekukuhle kakhulu futhi kujatshulwe.
‘ Sijabulile futhi sifuna ukubona ukuthi ubani ozophumelela kulomcinciswano ngoba labasiki benqephu bedlana umlala kungekho futhi ozibeke phansi ngomsebenzi wakhe wokusika inqephu ehambisana nesiqubulo sakulonyaka,” kusho uVuyisile Ngobese. Athe beku wumqhudelwano weThese young designers,” said Vuyisile Ngobese, ongumxumanisi weHollywood Foundation , ophinde abe ngomunye wamajaji aboshelwe. Uqhube wathi isiqubulo “The ‘Ride the Wave’ , kuhloswe ngaso ukukhuthaza abasiki benqephi siphinde siqinisekise ukuthi umsebenzi wabo unobuciko, futhi muhle,” esho. Uqhube wathi umsiki nomsiki wenqephu uza nendlela yakhe ehlukile azokhangisa ngayo , nangekhono elahlukile. Uthe imibala egqamile nothi uma uyithinta uzwe okuhlukile bekuyinto ebihamba phambili kulolu suku ngoba engekho umsiki wenqephu ofuna ukungaphumeleli. “ Bekunzima ukuthatha isinqumo nokukhetha abaphume phambili noma abazohlungelwa ukundlulela phambili noma esigabeni esilandelayo kulomqhudelwane kodwa sikwazile ukuqoka abawu-25 , abandlulele kwesinye isigaba,” kusho uNgobese, eqhuba ethi laba abhaqokiwe bazondlulela esigabeni esandulela esamanqamu kanti lesigaba abandlulelele kuso , kulindeleke ukuthi baphinde bayohlungwa mhlaka 19 June 2024, eGateway Theatre of Shopping ,lapho kuzokhethwa abawu-10, abazoya kowamanqamu. Laba abawu-10 kudingeka noma kufanele bakhombise ngomsiko wabo izikhawu eziningi kwi-Hollywoodbets Durban July Fashion Experience Preview Gala at Gateway, esitegi seHollywoodbets Durban July mhlaka 6 July 2024, bese kuphuma abathathu abazobaqwaqwada emakhanda bese beyamenyezelwa. Ukuvezile ukuthi laba abazodla umhlanganiso abathathu bazoklonyeliswa ngemali ewu-R70 000, ngamunye evela ku-Gold Circle, Schweppes and Gateway Theatre of Shopping, bese kuthi i-The Hollywood Foundation , yona bese ikhipha umfundazwe wemali ewu- R100 000, kobaqwaqwade emakhanda, nakulaba ababili unombolo-2 no-3, bese kuthi amakolishi abafunda kuwo wona agixabezwe ngesamba esiwu-R30 000, evela ku-Gold Circle , ekuqikeleleni ukuthi liyakhuliswa ikhona noma ithalente kubantu abasebancane.
Abandlulele esigabeni esandulela esamanqamu ilaba abalandelayo:
Ntombikayise Khumalo (Lindiwe Khuzwayo A of F)
Sphesihle Mathe (DUT)
Liam Nisbet (SG International)
Samukelisiwe Zulu (Esayidi Fashion School)
Fundiswa Bhengu (Esayidi Fashion School)
Relebohile Mongali (DUT)
Ndlozi Sineziwe (PMB School of Fashion)
Nduduzo Zwane (Lindiwe Khuzwayo Academy)
Erin Seymour (Esayidi Fashion School)
Balungile Ndlovu (PMB School of Fashion)
Nontsikelelo Godlo (PMB School of Fashion)
Beryl Sithole (PMB School of Fashion)
Monwabisi Xulu (PMB School of Fashion)
Krishan Ramdewu (PMB School of Fashion)
Lindelwa Maseko (Inscape Education Group)
Tamaryn Price (Esayidi Fashion School)
Olwethu Payi (DUT)
Avuyile Sihlobo (DUT)
Nontuthuko Chagwe (DUT)
Ayanda Zulu (Lindiwe Khuzwayo Academy)
Kisha Williams (Fezile Fashion Skills Academy)
Bongumusa Bhengu (Umgungundlovu TVET)
Simngaye Zuma (Umgungundlovu TVET)
Sanele Mkhize (Umgungundlovu TVET)
Siphesihle Mkhize (Umgungundlovu TVET)