BAVELE emva kweminyaka engu-40 eNkantolo kaMantshi wasePongola abasolwa abane abasolwa ngokubulala isishoshovu sezepolitiki sangesikhathi sobandlululo. Laba basolwa uGerhardus Stephanus Schoon eneminyaka engu-82, Paul Jacobus van Dyk (76), Frederick Johannes Pienaar (77) kanye no Douw Gerbrandt (63), bavele enekantolo esibalulwe ngenhla ngeviki elendlule bebhekene namacala okubalwa kuwo elokuthumba kanye nelokubulala uMn Jameson Ngoloyi Mngomezulu (71), ngoJune 1985. Kuvelile enkantolo ukuthi uMngomezulu wayezalelwe lapha eSouth Africa ehlala endaweni ebizwa ngokuthi kusOshabeni, Engwavuma kanti ubephinde ahlale Elubulwini eSwaziland. Kuphinde kwavela ukuthi wayeyisishoshovu kwezepolitui aphinde abe Ilunga lo-Umkhonto Wesizwe. “ Ngenhla yokuba yisishoshovu bakhe kwezepolitiki wayecwaswa, ethukwa ngamaphoyisa esikhathi sobandlululo ayebizwa ngokuthi ama Security Forces phecelezi Askaris, ayephinde ayongena emzini wakhe aphenye engagunyaziwe. Kulonyaka osubalulwe ngenhla walandwa emzini wakho owabe use Swazini, wabuyiswa eSouth Africa, lapho wayevalelwe khona , eshaywa kanzima ngemva kokuba abulawe , kwathi nesidumbu sakhe salinyazwa kanzima ngebhomu eSodwana Bay,” kuvele enkantolo. UMbuso usola ukuthi uSchoon kanye nasolwa nabo babe ngama Askaris ngaphansi kweSouth African police Services , kanti bahlanganyela ekwenzeni lobubi bokubulala uMngomezulu ngesihluku. Kuphinde kwavela ukuthi ngalesikhathi kubulawa uMngomezulu uSchoon wabe enguKhomanda weJosini Security Branch wamaphoyisa SAPS , kanti uVan Dyk kanye no Willemse bona babezimemba zalombutho osubalulwe ngenhla eVlakplaas kanti uPienaar yena wayeyilunga lalo luphiko ePiet Retief. “ Nakuba uWillemse noPienaar bebengekho enkantolo , kodwa ummeli kaPienaar uveze amaphepha okuthi uyagula kwathi uWillemse yena wangabika lutho kwabe sekukhishwa incadi egunyaza ukuthi aboshwe. Icala libe selihlehliselwa umhlaka 18 April 2024, ukuze kuphothulwe amalungiselelo nabammeli babo ukuze kuqhubeke icala.