UNGQONGQOSHE kwizifundo zokucija omasipala ngendlela yokuqoqa imali kubakhokhi bentela
IBE yimbumelelo isamithi yokufundisa omasipala ngamasu okuqoqa imali ebibanjelwe e-International Convertion Centre (ICC), izolo mhlaka 20 June 2024. UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uRev Thulasizwe Buthelezi uthe ukubone kubalulekile ukuba kube nalezifundo zokucija omasipala ngamasu okuqoqa izimali emiphakathini ngoba kubonakala ukuthi akwenzeki ngendlela futhi ziningi zimali ezikweletwa omasipala ngabakhokhi zintela phecelezi amarates nokunye. Uthe alukho uzinzo ngakwezimali komasipala ngenxa yokuthi abanazo izindlela zokuqoqa imali, yingakho eqoke ukuba bathi ukuthola izifundo zezinsuku ezimbili ukuze bazi ukuthi imali kumele bayiqoqe kanjani. “ Omasipala abaningi baguqe phansi ngedolo ngenxa yokuthi azikho izindlela zokuqoqa imali ezikhona kubona,” esho. Ukusho lokhu kwi- Revenue Solution Summit-Master Class Edition, ebihlelwe umnyango wakhe kanye ne eThekwini Metro’s Municipal Institute of Learning (MILE), yezinsuku ezimbili ebibanjelwe khona e-ICC. Uqhube wathi lesamithi ibiqoqe kakhulu laba ababambe iqhaza elikhulu kwezezimali okubalwa kubo izimenenja ,municipal finances, revenue managers and chief financial officers, kubo bonke omasipala kanye nasemikhakheni yezamanzi okuwu-Umgeni-Uthukela Water kanye Eskom. “ bekugxilwe kakhulu ekutheni iqoqwa kanjani imali , kuphindwe kubhekisiswe nokuthi batholakala kanjani abakweletayo. Njengoba eqala idlandla lakhe lokuba ungqongqoshe uRev Buthelezi , ubone kubalulekile ukuthi azocacisela kabanzi bonbe abantintekayo phecelezi accounting officers kanye nezimenenja zomasipala ukuthi kudingekalani nokuthi bazokwenza kanjani ekugqugquzeleni umphakathi ukuba ukhokhe izikweletu, ngoba bakhokhela izidingo ezihanjiswa kubo, ukuze kukhule nesikhwama somasipala. Ubanxuse kakhulu bonke abaphathi ukuba bambambisana bagqugquzele umphakathi ukuba ukhokhe. Uphinde wakubalula ukuthi kuMncwaningi Mabhuku Jikelele akuhambi kahle ufuna ethi uma efika ezocwaninga afike izinto zime ngomumo, futhi zimali zomasipala zikwazi ukubasimamisa. Uqhube wathi kumele kubhekwe amamitha zikhathi zonke , kubhekwe nokuthi akuxhunyiwe yini ngokungemthetho kuthi nalabo abaxhume ngokungemthetho bajeziswe kabanzi, ukuze kupheze ukuphazanyiswa kwenqalasizinda. “ Omasipala kumele balungise izindaba zabo zangaphakathi futhi bazithuthukisele ukuthi bayakwazi ukubhekana nokufundwa kwamamitha (metre reading), baphinde baqikelele ukuthi abantu bashajwa imali efanele ngoba kusukwe kufundwe kahle amamitha abo. Uthe njengomnyango soqhubeka sibhekelele ukuthi ngasezimalini kuhamba kahle yini futhi ziqoqwa ngendlela yini,” esho. Uphethe ngokuthi kumele baqinisekise ukuthi uhlelo olubizwa ngokuthi i-Masakhane Campaign, luyenzeka, ukuze kugqugquzelwe ukuthi abantu bazikhokhele izidingo ezilethwa kubo, ukuze kuqhutshekwe nokulethwa kwazo emiphakathini.