IGUJWE ngendlela ehlukile inyanga yomama. Babuthane esontweni Inkazimulo Church of Christ labo bebenomkhuleko khona behambisana neSithebe Women Empowerment lapho bebekhulisana ngokumqondo kanye nangamasu. Ngenkathi bedlangene bebehlangene ngenhloso yokuba nenkulumo yokwakhana ikhakhulukazi ngoba bekuyi Widows Dialogue, lapho baesifazane abandlulelwa abayeni emhlabeni bebechaza kabanzi ukuthi bandlula kanjani kulesimo ababebhekene naso. “ Ngifisa ukuthi abantu besifazane bahloniphane , basekane bangahlebani kodwa basizane uma kukhona omunye oxakekile,” kusho uMphathi wesiteshi somsakazo i-Newcastle Community Radia, uNkk Marcia Evans. Uqhube wathi umuntu okusula izinyembezi nguJehova kanti kubalulekile ukuthi abantu besifazane bathathe amandla amasha, ngoba kukhona abasuka ekuhanjelweni abayeni babo kanti futhi kukhona abasaya khona. Uthe hlalani emkhulekweni, sibe ngomama ngoba ithina inzalabantu. “ Njengoba silapha kwi Isithebe Womenn Empowerment kumele sibambane, sihloniphane sibhekane nqo nezinkinga esizifica lapho emhlabeni kodwa okuningi sikubhekise keJehova, futhi sithandane. Uthe omama bazokhombisa ukuthi bangobani lapha kulelisonto nakulolusuku olubalulekile kangaka kubantu besifazane ukuba bandlule ekutheni balahlekelwa ngabayeni. uNkk Lethiwe Madlamini Msibi, onguMsunguli noMqondisi wemakoti Life Style uthe ukuba ngumalokazana kuyimfihlo ngoba sisuke siyokwakha amakhaya uma siyogana. Uthe uNkulunkulu Wadala umuntu wesifazane owumama ukuze ayofudumeza ikhaya. “ Yiba umama, futhi siyamkhanda umuntu wesifazane ukuba abe ngumama, ahlonipheke yingakho kwabakhona Isithebe somama, ukuze basizwe ukuze babe ngomama abaqotho,” eso. Ulandise izethameli zseThebe somama ukuthi lenhlangano wayisungula eminyakeni emithathu eyandlule kanti uthe ihlukane kawu-4, kukhona Amatshitshi, Women’s Dialogue, Business workshop kanye ne-Isithebe Women Empowerment programme , lapho kwakhiwa omama khona futhi baphinde balulekwe ngokwakha amabhizinisi futhi bagxile nasemsebenzini wezandla ukuze baziphilise kanye nabantwana babo. Uqhube wathi eseke wayozethula futhi ethulela neSili uMisuzulu uqobo ngento ayenzayo emphakathini lokho athi Isilo sakujabulela lokho kakhulu. Uphinde wakuveza ukuthi useke wawina imali ewu-R70 000 ngaphansi kwalomkhakha weMakoti Life Style, athe inxenye yaleyomali uzowakha isakhiwo esesiqaliwe esizosiza omama. Uthe inhloso yalenhlangano ukuphana ngolwazi komama kuphinde kukhuliswe namatshitshi imbala. “ Kulendawo yasemfundweni asinayo iCentre, indayo yokwenza amakhophi, internet café, asikwazi ukuprinta kumele sigibele siye koMdakane uma sifuna ukwenza lezinto nokubhala amaCV. “ Asigxileni emsebenzini wezandla singazondani singabantu besifazane, sakhe imfelandawonye siphinde sithandane,” esho. Uthe asisekaneni abantu bakuqinisekise ukuthi bayawaveza amaphupho abo., konke kuyenzeka uma ukholelwa kuwe futhi namathemba akho uwabeka kuNkulunkulu. Uthe abantu abyeke ukubeka imfundo phambili . uMbaliyezulu uthe yena ungumuntu ohlukile uma esebenza uyaye aafune umphumela ngaso sonke isikhathi, hhayi umuntu uyangena uyaphuma emsebenzini kodwa awukho umphumela, walokhu asuke ethi uyakwenza. Isikhulumi sosuku uNkk Lihle Simelane uthe abantu kumele banothe emoyeni, ngoba ukuhanjelwa umyeni kunzima ngoba kusuke sekumele ubhekane nokukhulisa izingane wedwa. Uthe unkulunkulu usidalele ukuba sihambe izigaba eziningi njengovemvane, ngoba nasempilweni kubakhona ukuthi kube noshintsho ongeke uluvimbele ngoba lusuke lilethwe umdali. “ UNkulunkulu uyakunika indlela yokuthi ududuzeke, kanti abanye besifazane abahanjelwa abayeni babhekana nezinkinga ezinkulu ngoba abakutholi ukwesekwa nangabasemzini imbala bebasola ngokuthi ibona ababulale abayeni. “ Uma ushonelwa umyeni kusuke sekuqala impilo entsha, kwabanye abahanjelwa abayeni impilo iyama nse. uPenny Hume osebenza emnyangweni weZempilo phecelezi mental health, uthe ukushonelwa ngumyeni kuhambelana nokuhlukumezeka usuku nosuku. Uqhube wathi mina ngibhekana nezinkinga zabantu suku nosuku, ngoba nomnyango wanginika umsebenzi wokuthi ngihambele abantu abanezinkinga ngibaluleke ngokwezenqondo. “ Ukukhala kuyasiza ukuze ubhodle,” esho. Uqhube wathi noma ngabe unezinkinga ezingakanani vuka ugeze ngoba amanzi ayimpilo futhi uyelapheka uma uke wageza, nezinkinga nezingqinamba obhekene nzo ziyncipha. Uphinde wathi masingalilahlini ithemba empilweni okuningi sikubhekise kuNkulunkulu, uma zimo singakuhambeli kahle guqa uthandaze. Uthe wozani esibhedlela nizothola ukusizwa, kukhona ne Intellectual disability grant ,uma ubona ukuthi umntwana wakho uthatha kancane , sizokusiza esibhedlela. “ Ungayilwisi ingane uma idlwenguliwe, yiba nobudlwelwano obuhle nezingane zakho ukuze zizokwazi ukuvuleleka uma sibhekene nezinkinga, ngoba izingane zigcina zizibulala uma zingatholi ukwesekwa emakhaya,” esho. Uphethe ngokuthi abantu abakhuthalele ukuvakashela imitholampilo uma benezinkinga ukuze bezosizakala. UNkk jabulile Mazibuko Sibiya uthe impilo iyaqhubeka noma uhanjelwe ngumyeni. “ Akekho osuke esihlelele isimo sokuhanjelwa ngumyeni kusuku kungukuthanda kukankulunkulu okunguyena owazi konke. Lento yokuhanjelwa ngumyeni iyinselelo enkulu, ngoba akekho umuntu otshelwayo ukuthi uzohanjelwa ngumyeni ngaphambi kokuba ashade ngoba niyaye nilulekwe nikhanselwa ngomshado hhayi ngokuthi ngelinye ilanga uzohanjelwa ngumyeni. Akulula ukuhanjelwa ngumyeni , akulula ukuqhubeka nempilo ngoba uba nokudabuka okuningi usulahlwe ngisho ngabangani uqobo abanye Basabe ukuhamba nawe bathi uzobathathela abayeni babo.,” esho. Uthe asithembeleni kuNkulunkulu nguyena umyeni ongalahli muntu. “ UNkulunkulu wangelapho ngokomphefumulo futhi wanginika nethuba lokuthi ngisondele kakhulu kuye kunakuqala. Akumele ube ngodabukisayo uma uhanjelwe ngumyeni, izinqondo zethu mazilapheke, ukuhanjelwa umyeni akusho ukuthi impilo iphelile. Sifuna omama abazosiluleka , abantu besifazane kumele bangayishiyi indawo yabo, singabi omama abavilaphayo