UGWETSHWE iminyaka ewu-10 uNksz Thandeka Myeni, ongokudabuka eSwaziland, emva kokuba elahlwe icala lokugwaza abulale uKhathatso Ratsoeu, waseLesotho, mhlaka 25 November 2023, e-16B Stephenson Street, Riverside Industrial, eNewcastle. UMyeni kuvele ukuthi yena nesinqandamathe sakhe , ngenkatho owayebukeka emdala ezama ukungena Phakathi kwabo ngenhloso yokubalamula , wabe esegwazeka washonela khona lapho endaweni yesigameko. Kuphinde kwavela ukuthi uMyeni wabe ehlome ngomese wasetafuleni, kanti kuphinde kwavela ukuthi ngelanga lesigameko wabe edle amanzi amponjwana, wagwaza uRatsoeu , esifubeni , washonela khona lapho. “ UMyeni wazama ukubaleka endaweni yesigameko eyofihla umese lona awusebenzisa ngenkathi egwaza umufi, kodwa akaphumelelanga ngoba wabanjwa ngumphakathi wona lona owawukhona ngelanga lesigameko, kwabe sekubizwa amaphoyisa wathweswa icala lokugwaza nokubulala. Umphenyi wecala kwakuwu-WO CJD Meyer, ukuba aphenye lelicala. UMyeni wanqatshelwa ibheyili, ngoba kwavela ukuthi ukhona kuleli ngokungekho emthethweni, futhi maningi amathuba okuthi angase abaleke.Ube eselahlwa icala lokubulala yiNkantolo yesiFunda saseNewcastle, kanti iJaji bekungu Mr TCL Colditz,okuvezile ngenkathi kuqulwa lelicala ukuthi amacala afuze elakhe andile kulenkantolo, futhi enzeka khona lapha endaweni yezimboni zaseNewcastle, lapho kusuke kunothuthuva Phakathi kwezisebenzi. Uqhube wathi kulahleke umphefumulo womuntu lapha ngenxa yotshwala nje, kanti futhi impilo yomuntu ayishibhile. Uthe umufi wayengesiyo ingxenye yempi kodwa wabe elamula wathelwa ngamachahazelo, ngoba impi yayiphakathi kwakho nesoka lakho , kodwa yena wagwazeka wabulawa. Umphathi wesiteshi saseNewcastle uBrig V Naidoo umcomile umphenyi wecala WO CJD Meyer , wathi wenze umsebenzi oncomekayo, ukuze agwetshwe uMyeni.