LUPHENDUKE inzondo uthando , insizwa ebeyingathokozile ukuthi ukuthi ucu alisalingani ibe isihlasela intombi yayigwaza amanxeba awu-18. Lensizwa uSibusiso Shabalala (31), igwetshwe iminyaka ewu-20 emva kokuba izame ukubulala owabe eyintombi yakhe oneminyaka ewu-27, ngokuyigwaza phambi kwamalunga omphakathi abe egibele nayo itekisi. Kuvelile ukuthi lelisoka elabe seligajwe uthando lagibela imoto eyabe igitshelwe yilona wesifazana lazama ukumncenga ukuba babuyelane, okuthe lona wesifazane uma enqaba ukukhuluma nalo lelisoka asehlukana nalo labe selikhipha umese layigwaza ngayo, kwathi owabe ehlezi eceleni kwabo ezama ukukhuza wahluleka ngoba lendoda yabe ithukuthele kakhulu, ngoba lona wesifazane akazange avume ngisho ukukhuluma nayo ngenkathi imncenga ukuba babuyelana, lokho kwayenza yathukuthela yagana unwabu yabe isikhipha umese yamgwaza. Kuphinde kwavela ukuthi lesigameko senzeka mhlaka 21 April 2021, eLadysmith. Kuvelile ukuthi banengane nalo lelisoka asebahlukana nalo. Laboshwa leli soka elabe selaliwe emva kokuba lowesifazane alanyulelwa ngamalunga omphakathi aqede abiza i-ambulense eyabe isiphuthumisa lona wesifazane esibhedlela , waboshwa uShabalala. “ Kwabizwa amaphoyisa ase Elandslaagte emva kokulamulela intombi, waboshwa khona lapho uShabalala,” kuvele enkantolo. Kuphinde kwavela ukuthi wavela eNkantolo kaMantshi waseLadysmith lapho enqatshelwa khona ibheyili, icala lakhe labe selindluliselwa eNkantolo yesiFunda yase-Ezakheni lapho alahlwe khona icala lokuzama ukubulala wabe esegwetshwa iminyaka ewu-20, ebhadla ejele.