UGWTSHWE iminyaka ewu-23, umlisa oneminyaka ewu-20 emva kokuba elahlwe icala lokudlwengula intombazanyana eneminyaka ewu-13, kwaNxamalala , eMsinga, ngonyaka u-2022. Lomlisa ugwetshwe iNkantolo yesiFunda i-Greytown, emva kokuba elahlwe ilelicala. Kuvelile ukuthi ngo-April 2022, kwavulwa icala lokugqekeza kanye nelokudlwengula esiteshini samaphoyisa aseMsinga. Kuphinde kwavela ukuthi umgilwa wabe esekhaya kubo ngelanga lesigameko , egeza ngezikhathi zakuhliswa , ngenkathi ezwa ukuthi kukhonba ophusha umnyango, kwabe sekungena lesigebengu samdlwengula , wakhala ememeza sakhona ukubaleka lesigilamkhuba kodwa sashiya ngemuva amabhuzu aso. Okhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe udaba lwabe selundluliselwa kuGreytown Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit ukuba baluphenye loludaba lokudlwengula kanti umpheny wecala kwaba uConst Zondi walo lolu phiko oselubalulwe ngenhla. Umphenyi wecala wabe eseluphenya kahle leli cala wabe esekhona ukuthungatha lomsolwa ngoba wamatanyiswa naleli cala ngawo amabhuzu ayewagqokile wawashiya ngenkathi esebaleka. Kuphinde kwavela ukuthi umgili noma lesigilamkhuba sasijwayele ukugqoka lamabhuzu , kanti omunye wamalunga omphakathi wakwazi ukusho ukuthi lamabhuzu avamise ukugqokwa ngubani, wabe seboshwa kanjalo lomgili walomkhuba, wabe esegwtshwa iminyaka ewu-18 kwelokudlwengulwa kwaba iminyaka ewu-3 kwelokugqekeza. Ukhomishana walesifunda esesibalulwe ngenhla usishayele ihlombe lesi gwebo esinikwe lesigilamkhuba wathi sothumela umlayezo onqala kulabo abasafisa ukugila lomkhuba ukuthi ingalo yomthetho yinde kabi ikulanda noma ngabe ikuphi ungasazelele.