UGWETSHWE iminyaka eyishumi nantathu kwelokubulala Ematimatolo! INkantolo yesiFunda iGreytown igwebe uSanele Manqele oneminyaka engamashumi amabili nesikhombisa (27), emva kokuba elahlwe icala lokubulala mhlaka 19 June 2023 , endaweni esubalulwe ngenhla. Kuvelile enkantolo esibalulwe ngenhla ukuthi kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa aseMatimatolo , kwabe sekwenziwa uphenyo lapho kwaficwa khona owesifazane oneminyaka engamashumi amahlanu (50), owatholakala enezibazi emzimbeni wakhe. Okhulumela amaphoyisa esiFunda saseMzinyathi,uConst Siyabonga Nkwanyana, uthi kwabikwa ukuthi kwakuxabana izithandani okwaholela ekutheni , owesifazane abaleke aye kwamakhelwane ephephisa impilo yakhe, kwase kuthi lesigilamkhuba sabe sesilandela intombi safike sabhokloza umnyango wakwamakhelwane , wabe eseqala ukushaya isithandwa sakhe, ngensimbi sase sesishonela endaweni yesigameko, wabe esebaleka umsolwa. “ Icala labe seliphenywa nguWO Khulumani Dlamini, owasheshe wabopha lesigilamkhuba emva kokulandela umkhondo, wabopha umsolwa ngalo ilanga lesigameko. UManqele wabe esevela enkantolo yesiFunda eGreytown lapho egwetshwe khona iminyaka eyishumi nantathu ngelendlule. Kwesinye isigameko esingafani nalesi iNkantolo kaMantshi waseDundee, igwebe owokufika kuleli uSaint Ebuku oneminyaka engamashumi amathathu, iminyaka eyisikhombisa ebhadla ejele emva kokuba elahlwe icala lokutholakala nezidakamizwa kanye nokuzishushumbisa. UMshushisi woMbuso osebenzela khona eDundee, uncome umsebenzi omuhle owenziwe ngumphenyi wecala uConst Naoma Van Huyssteen, ngokubambisana naye kwaze kwapgwetsha lona owokufika. Uphethe ngokuthi anxuse namanye amaphoyisa ukuba asebenzisane naye kanye namalunga omphakathi.