KUSALE kunje kuhlasela izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho
UMNYANGO wezoBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu kuzwelonke uNks Thembi Nkadimeng, ungqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu, Nksz Mmamoloko Kubayi, uNdunankulu wase Eastern Cape uMnu Oscar mabuyane , bavakashele izakhamuzi ezingaphansi kukamasipala i-Nelson Mandela Bay , beyobona izakhamuzi ezikhahlamezwe izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphephe ezindlule nemiphefumulo yabantu abawu-5, zashiya abantu dengwane, Kuvelile ukuthi ngenkathi kuhlasela lezimvula ebezihambisana nesiphepho kucekeleke phansi izindlu, ingalasizinda nokuningi , kwandlula emhlabeni nabantu abawu-5. Kuvelile ukuthi kuqale kwaba khona umhlangano phakathi kwezinhlaka zikahulumeni eziwu-3, lezi esezibalulwe ngenhla, ukuze kuqhanyukwe nesisombululo sokuthi bazosizwa kanjani abantu abakhahlanyezwe izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho, nanokuthi bona bazosiza kanjani, kulaba abasale dengwane kuhlasela lezimvula, ezindlule nemiphefumulo ewu-5. Kuphinde kwavela ukuthi ngempelaSonto isimo sezulu besisibi kakhulu kulesiFundazwe sase Eastern Cape, esiholele ekutheni kulimale impahla , inqalasizinda kanye nokundlula emhlabeni kwabantu. UNgqongqoshe Kubayi unxuse ukuba abahlali noma izakhamuzi sisuswe kulendawo ziyohlaliswa ezindaweni eziphephile zesikhashana lapho zizothola khona ukunakelelwa, ngenkathi uMasipala kanye nohulumeni wesiFundazwe besacubungula futhi besahlonza ukuthi umonakalo odalekile ungakanani. Ngenkathi kuqhutshwa noma kucwaningwa umonakalo kube sekufike uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uNkk Sindisiwe Chikunga, Pam Tshwete kanye noZolile Burns-Ncamashe. Kuphinde kwanxuswa izakhamuzi ukuba zihlale ziqaphile futhi zisukume uma zithola izexwayiso ezizixwayisa ngesimo sezulu esingesihle, ukuze zikweme ukumuka nokulahlekelwa zimpilo zazo. Uphethe ngokunxusa abashayeli bezimoto ukuba bashayele ngokucophelela, uma kunezimvula noma kunezikhukhula futhi bagweme nokuhamba uma kungenasidingo, nezakhamuzi zigweme ukuwela amabhuloho agcwele echichima kanye nemifula.