INHLANGANO yokugembula i-Hollywoodbets Foundation emalungiselelweni okuyosiza abantu abakhahlanyezwe zikhukhula emva kokuba omasipala baningana esiFundazweni saKwaZulu-natal, behlaselwe ilezimvula nezikhukhula ngelendlule. Kuvelile ukuthi basemalungiselelweni okuyosiza izisulu ezikhahlanyezwe ilezikhukhula nezimvula ezinamandla. Lenhlangano ibe isindlulisa amazwi enduduzo kubo bonke abalahlekelwe zihlobo zabo , bathi akwehlanga lungehlanga, abaduduzeke. Kuphinde kwavela ukuthi bekuhlasele inkanyamba (tornado),ebihamba ngesivinini esikhulu. Bathe abaduduzeke kulezikhathi zobunzima. Baqhube bathi bayolekelela ngenhloso yokuthi isimo sabo sibuyele kwesijwayelekile oThongathi. “Abezezinhlekelele benhlangano yethu basendaweni yesigameko sikhuluma nje bayobheka umonakalo odalekile,”kusho uMxumanisi kulenhlangano uVuyisile Ngobese. Uphethe ngokuthi mase kuhlonzwe umonakalo bazobe sebeyolekelela ukuze kubuyise isithunzi sabantu.
Uhulumeni usekuqinisekisile ukuthi sebekhokhelwe abasiza ezikoleni abangu-124 000
UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekelo (Department of Basic Education), usukuqinisekisile ukuthi abasiza ezikoleni abangu-124 000 sebekhokheliwe imihlomulo yabo. Kubikwa ukuthi lenkokhelo yenzeke...