INHLANGANO yokugembula i-Hollywoodbets Foundation ithi ithokozile kakhulu ukumemezela ukuthi izabaxhasa laba abanothando lwamahashi abakhubazekile abaziwo ngokuthi i-South African Riding for the Disabled Association (SARDA). Kuvelile ukuthi loluxhaso luzosiza kakhulu nakubantwana abaphila ngokukhubazeka kanye nabadinga ukunakekelwa ngenxa yokuphila nokukhubazeka okudinga ukunakelelwa okuhlukile (special needs). Baphinde bakuveza ukuthi bazobanika amatherapeuitic horse-riding experiences ngoba bona bephila nokukhubazeka okudinga ukunakelelwa okuyisipesheli. Bathe lokhu bakwenz lokhu emva kokuba sebegubha iminyaka ewu-128 bexhase umjaho odume umhlaba wonke i-Durban July enesasa elikhulu. Lokhu kwenzeke ngelendlule lapho lenhlangano ixhase ngemali ewu-R50 000 ekulekeleleni nasekuthuthukisweni i-SARDA. OyiBranda and Communications Manager , uMnu Devin Heffer kanye ne Hollywood Foundations manager uUvish Nunkumar kanye ne Chairperson of SARDA uNksz Libby Durk, bebeyinxenye yalomnikelo wokuthuthikiswa kwalaba abaphila nokukhubazeka futhi abasebancane. Bakuvezile ukuthi bahlose ngakho lokhu ukuba naba bathole amathuba afanayo nawalaba abaphila kahle ngaphandle kokukhubazeka. Kuphinde kwavela ukuthi lokhu kwenzeke eSARDA-Durbani e-Assagay. “ Thina njengenhlangano yokugembula sizibophezele futhi sifisa ukulekelela wonke umuntu osemncane ngakho konke azokudinga,” kusho ebeHollywoodbets Foundation kwisitatimende abasithumele. Baphinde bakuveza kuthi kulonyaka sebengenelele ekuxhaseni abaqeqeshi (trainers) kulesenta ngokuxhasa ngoaxhaso lwemali ezobasiza ukuba bathuthukise ulwazi kanye namakhono kubafundi ngendlela esezingeni eliphezulu. UMnu Heffer obemele i-Hollywood Foundation uthe ngijabule kakhulu njengenhlangano ebukhwebezane (purple), ukuba ukuba sihlale sixhasa i-SARDA, ngoba isezinhliziyweni zethu. Uthe kulonyaka sikhiphe izinsiza zokuphepha eziwu-20 ( contributed 20 safety gear), safaka nogesi kulesakhiwo, amanzi izinyanga eziwu-12 kanye nokufakela amakhabhinethi (install cabinets), ukuze loluhlelo luqhubekele phambili. uLibby Durk uthe babonga kakhulu njengoba i-SARDA iyaqikelela ukuthi bayazishintsha izimpilo zabantu kuwo wonke umtwana nanoma ngabe uphila ngokukhubazeka, ukuze bathole ukusekwa ngakwezomoya ukuze bakwazi ukuthola ama therapeutic horse-riding, lokhu okumayelana nokugitshelwa kwamahhashi njengojokhi. Uqhube wathi ukugibela amahhashi kukwenza ukuba ukhululeke futhi uzimele ukuze nephupho lakho lifezeke. Umzali womntwana ofunda esikoleni i-The Brown’s School, ubonge kakhulu i-SARDA ngokusiza umntwana wakhe. Uthe ukugibela ihhashi kusize umntwana wakhe waba nokuzethemba kanye nokufunda izinto ezintsha.