NGU Nksz Hlengiwe Mncube nomama wakhe uNksz Thulile Mncube ngenkathi abemuliswa (uHlengiwe), kanye namatshitshi abezomsingatha
KUBE yinjabulo yodwa ngempelasonto intokazi eyenza ibanga leshumi yemuliswa ngabazali bayo eSpringbok Laagte, eDannhauser, njengoba sekusele izinsuku ezimbalwa iqale ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka.
UNksz Hlengiwe Mncube oneminyaka engu-18 owenza ibanga leshumi eDundee Secondary School, uphakathi kwezinkulungwane zabafundi bebanga leshumi abazoqala ukubhala izivivinyo zabo zokuphela unyaka maduze.
“Ngijabule kakhulu, kodwa nginovalo! Ngibonga kakhulu bazami ngakho konke eningenzele kona, futhi nami ngiyathembisa ukuthi ngizoqhube nginihloniphe,”uNksz Mncube, othembise ukuthi uzophasa ngamalengiso ezizinyweni zebanga leshumi zokuphela konyaka.
“Ukuziphatha kahle akusiyona imfashini, kodwa kubalulekile kakhulu, ekutheni uzigcine kuze kufike isikhathi sokuba kubekhona ozokushada.”
Unina kaHlengiwe, uNksz Thulile Mncube, uthe: “Ngibonga kakhulu ngokuziphatha kahle kwendodakazi ize ifike ebangeni leshumi ingakaze ibe nengane futhi ingamazi umuntu wesilisa.
“Sijabule kakhulu yingakho sicabange ukuthi simenzele umemulo sikhombisa ukujabula ngokuziphatha kahle kwakhe. Izingane zanamuhla zikhulelwa zincane kakhulu, kangangokuthi ezinye zikhululwe zineminyaka engu-12 vo.
Okuyingakho sibonga kakhulu ngokuziphatha kwakhe futhi simufisela konke okuhle, aphase nasesikoleni ngoba eseyobhala izivivinyo zakhe zikamatikuletsheni.”