NGUNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfu Thulasizwe Buthelezi nezakhamizi zaseNquthu
KUBE yinjabulo kubantu baseNquthu namaphethelo kukhanyiswa amalambu asemgwaqeni okokuqala ngqa emlandweni waleli dolobha elincane, okudle imali engu-R30 million kwaphinde kwafakelwa ugesi izakhamizi ezingu-500 zakule ndawo engaphansi kwesiFunda uMzinyathi.
Kuthiwa la malambu afakiwe kuleli dolobha azosebenzisa ugesi welanga. Lolu hlelo lokufakelwa kukagesi namalambu asemgwaqeni kwakuqalwe ngowayenguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi.
“Kukhanyiswe amalambu angu-203 ogesi welanga kwaphinde kwakhanyiswa amabili ama-mass lights ku-ward 9 khona kule ndawo yaseNquthu. Lokhu okuzoqinisekisa ukuthi izakhamizi ziphephile,” kusho uNgqongqoshe wezoBusa ngokuBambisana neziNdba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.
UButhelezi ubonge igalelo neqhaza elabanjwa nguNkk Sithole-Moloi owakuqinisekisa ukuthi izakhamizi zakulendawo ziyafakelwa ugesi.
Uphinde wabonga uMasipala waseNquthu ngokwenza lolu hlelo lube yimpumelelo. Akagcinanga ngokunikelela ngogesi ngenkathi evakashele ku lendawo uMfu Buthelezi, njengoba ephinde wanikela ngeloli elizophakela amanzi kuyo le ndawo njengoba kusakhiwa ingqalasizinda ezophakela amanzi kule ndawo.
“Siyasazi isimo nezinselelo zaku lendawo ngokwentula amanzi, yingakho sinikelele ngeloli. Siphinde safaka imali engu-R10 million ukuze kuphinde kwandiswe ugesi welanga khona ku-ward 9.
“Sizibophezele ukuthi siphucule izimpilo zabantu bakule ndawo yaseNquthu nakwezinye. Sikubeka phambili ukuthuthukiswa komnotho ezindaweni zasemakhaya nasemadolobheni amancane ukuze kudaleke namathuba omsebenzi.”