KULENYANGA yabantu besifazane besicela ukumema bonke abantu besifazane baseNewcastle namaphethelo kusukela eminyakeni ewu 18 kuyaphezulu kwi Nqunqutethela esiba nayo kanye ngonyaka kusukela yasungulwa ngo 2015,kulonyaka sizobe siyibamba okwesishiyangalombili( 9years) okokuqala nqa nqa eKZN ngaphansi kwesiQubulo -Hlwanyela kubantu besifazane ukufaka umfutho Kwinqubekelo phambili “Invest in women accelerate progress” Inqubekela phambili yokubona abantu besifazane bezisebenzele,bazimele, behola amaholo elingana nemisebenzi abayenzayo, bakwazi ukuzithuthukisa ngamakhona ahlukene, bakwazi ukunakekela hard imindeni yabo, bakwazi ukuzivikela ngokungahlali ebudlelwaneni obubahlukumezayo baphinde balekelelwe ekubeni abaholi abaqotho, omama abaqotho bathuthukise imindeni nemiphakathi yabo.
Imininingwano yomcimbi imi kanje:
Roadshow Agenda: Kusukela ngomhlaka 26 August 2024 kuya kumhlaka 30 August 2024 sobe sivakashela amakhaya ezintandane, izikhungu zabakhubazekile, sivakashela izikhungu zikaHulumeni ezisebenzela ukuvula amathuba nokulekelela ikakhulukazi abantu besifazane, sihlanganyele no Mama ba Lwesine amabandla ahlangene siphinde sibe nosuku losomabhizinisi abafuna ukuthuthukisa amabhizinisi nalabo abafuna ukuqala phecelezi (Entrepreneurship Masterclass)
26- Sise eFundweni Hall sobe sivakashele i Okuhle Care Centre, ebhekelela abantwana abaphila nokukhubazeka sihlanganyele ne Ntabenkulu Farmers we will be launching “Ukudla Komhlabathi wethu, one Home one Garden” a project that aims ukulekelela these centres to sustain themselves ziphinde zilekelele ngokupha ama vegetables to imindeni empofu emiphakathini yawo. Siyobe sesindlulela eSt Antony eBlawbouch nakhona sofika senze umsebenzi ofanayo
27. SiseMadadeni eMbumbisizwe, kwi Hall yakhona sikanye ne NYCA, kanye Nekhayalami okungama center abhekelela abantwana abaphila ngokukhubazeka.
28.Osomabhizinisi eMajuba TVET College
Kubalulekile ukusho ukuthi ilanga leli okuyobe kungelabosomabhizinisi livuleleke kuwo wonke umuntu onebusiness nofisa ukubanebusiness ayi omama kuphela.
29. Omama bomthandazo amabandla Ahlangene Sect 2 St Adrews
30. Sivakashela ama Media Houses and Meet and Greet
Akunazindleko for our Roadshows
Ngomhlaka 31 August 2024 Conference & Awards
Indawo: Grey goose game lodge newcastle
Izindleko: R450 (yokudla kanye neconference bag)
Indlela yokugqoka: Shaya Inqephu (Dress like your next level)
KuleKomfa sizoba siphakamisa sinikeza abantu besifazane abakhethiwe njengalabo abakhuthaza abanye emiphakathini ngemisebenzi Emihle abayenzayo
Inhlangano yethu I Women Navigating the Future Network is a National organization okusho okuthi umsebenzi wethu and members are all over the country we are women who drive change!
Siyabonga