I-HOLLYWOOD Foundation Iqhawe Week izizwa ijabule kakhulu ngokuvumbulula amakhono kubadlali bombhoxo abasebancane. Kuvelile ukuthi i-Western Province ilale isibili ngamagoli awu-23 kwawu-23. Kuphinde kwavela ukuthi ikwazile ukuqumba phansi iBorder ngoLwesine mhlaka 26 September 2024, kwasukutji owamanqamu waba mhlaka 30 September 2024, lapho iguqe khona. “ Iqhawe Week likhombise ukubeka phambili ekuvunjulweni amakhono entsheni, ihambisana nabaxhasi okuyi Cell C Rugby Legends Association . Ibhola lombhoxo likhombisa ukukhula kakhulu kulonyaka esikuwo 2024,” kusho osephuma esikhundleni sakhe kwi SA Rugby Legends uMnu John Smit. Uthe bona njenge Hollywood Foundation Iqhawe Week , bathanda ukubonga kakhulu abaxhasi Cell C SA Rugby Legends. Uqhube wathi bayabonga kakhulu kwi Hollywood Foundationkuhulumeni wasegauteng, SA Rugby, i-The Lions Rugby Union, Queens High School, ETA, Milo, Lift Fit, Thirsty , Deep Heat, Super Sport Schools kanye Jowa,s Spices. Uphinde wabonga uWP ngokunqoba iphinde ibe oshampeni. “ Ngithi angindlulise ukubonga emantombazaneni i-Joburg Girls ngokuba ngoshampeni,” esho. Uthe bafisa ukufisela bonke laba ababambe iqhaza kulomqhudelwano. Uthe sifisa ukuthi ngonyaka ozayo u-2005 i-Hollywood Foundation Iqhawe Week ukuba ibe yimpumelelo. Oyimenenja weHollywood Foundation Iqhawe Week, uMnu Devin Heffer oyi Group Brand and Communication uncome kakhulu kubaxhasi. Uphinde wancoma iSARLA ngokuqhuba lemiqhudelwane iminyaka emithathu ilandelana. Uqhube wathi babonga ukuthi sekuphela unyaka ewu-10 balibe baba ngabaxhasi kwebhola lombhoxo. Uthe bekuqhudelana abanto abawu-400 abayintsha kulomqhudelwano. Uthe abe Super Sport Schools babonga kakhulu abalandeli abaphume ngobuningi kanye nePhaka Rugby Show ngokuba inxenye yalomqhudelwane. Uphethe ngokuthi bafisa ukuqhubeka baxhase lemiqhudelwane.