IMIZAMO yokwazisa abantu ngenselelo ekubhekwene nayo ngesimo sokuntuleka kwamansi nokungasebenzi kahle kwephampu yaseNtendeka , esabalisela umasipala waseDannhauser ngamanzi, siholele odlameni nokuthi abantu bashaye itoyi-toyi, bekhalaza ngokushoda kwamanzi emavikini ambalwa endlule.UMeya woMkhandlu Amajuba uMntwana Ndabuko Zulu,uthe uyajabula kakhulu ngoba uMasipala waseMajuba ubambisane no-Uthekela Water Services , sebekwazile ukuphuma nesixazululo ngoba amanzi aseyafinyelela emphakathini sikhuluma nje. Uqhube wathi ukuvimbela ukusabalala kwamanzi ngendlela kudalwe ukuvuza kwamanzi ezindaweni ezithize kanye nokulinyazwa nokucekelwa phansi kwenqalasizinda. Uqhube wathi okunye okube yimbangela enkulu yalokhu ukuxhuma kwamapayipi amanzi ngokungemthetho, kanye nokufakwa kukagesi esigabeni seisithupha (loadshedding stage 6 cause of concern), lokhu obekwenza kubekhona ukunqamuka kokuthunyelwa kwamandla kagesi bese amaphampu angakwazi ukumpompa amanzi. Uthe okunye okube yimbangela enkulu yokungasabalaliswa kwamansi ukuhluleka kwetransformer, kodwa ube esethembisa umphakathi ukuthi isimo sizobuyela kwesijwayelekile maduzane. Uthe kunamasu abewanzayo ukuthi isimo esifana nalesi singaphindi senzeke. Uthe sebenohlelo olibizwa nge Leak Detection and Repair Intervention. Uphethe ngokuthi umphakathi awube yiso lenqalasizinda yawo ingacekelwa phansi bekhona.