ISIBHAMU nezidakamizwa okutholakale kuboshwa abasolwa
KUBOSHWE abasolwa abane abaneminyaka yobudala esukela kwengu-27 kuya kwengu-44, emva kokubba betholakale nesibhamu, izinhlamvu nezidakamizwa ezintathakusa zanamuhla zangoLwesithathu elokishini laseSibongile, eDundee.
Kubikwa ukuthi abasolwa baboshwe ngamaphoyisa oPhiko lwePublic Order Policing (POP) , aseNewcastle.
Okhulumela amaphoyisa esiFundeni uMzinyathi, uConst Siyabonga Nkwanyana, uthe kuboshwe abasolwa abane emva kokuba betholakele nesibhamu, izinhlamvu, izidakamizwa nemali okusolakala ukuthi bekuthengwa ngayo.
Kuthiwa amaphoyisa alunywe indlebe ngamalunga omphakathi ngabasolwa abashushumbisa izidakamizwa eSibongile, abaphethe nezibhamu ezingekho emthethweni.
“Ngenkathi amaphoyisa egasela kule ndawo, esigamekweni sokuqala abophe umsolwa wesilisa amthole namasaka angu-10 ezidakamizwa zohlobo lweCrystal Meth,” kusho uConst Nkwanyana.
Uthe ngenkathi amaphoyisa edlulela komunye umuzi, esesha athole amasaka angu-9 e-Cyrstal Meth, abopha umsolwa.
“Umkhankaso wamaphoyisa uqhubekile okuyilapho efike abopha khona umsolwa wesithathu otholakale namapulasitiki ayisithupha, amancane e-Crystal Meth, nesibhamu sohlobo lwe-revolver .38 (ivolovolo), nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Kwaphinda kwaboshwa umsolwa wesine otholakale namaphilisi angu-12 e-mandrax, amapulasitiki amancane amathathu e-cocaine, nesibhamu esiyithoyizi sohlobo lwe-pistol,” kuqhuba uConst Nkwanyana.
Abasolwa bobane bagcinwe esitokisini samaphoyisa saseDundee, nokulindeleke ukuthi bavele eNkantolo kaMantshi yaseDundee maduze bebhekene namacala okutholakala nezidakamizwa nesibhamu nezinhlamvu.