NGUNDUNANKULU wesiFundazwe uMnuz Thami Ntuli, amaphoyisa kanye namalungu omphakathi ngenkathi kunembizo Osizweni yokulwisana nobugebengu
KUBOSHWE abantu bokufika abangu-220 nabaqashi babo efemini yendwangu esemabhodini (Industrial area), eNewcastle, ngenkathi kugasela kungalindelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ehambisana namaphoyisa ophiko lwe-Justice Crime Prevention nezinye izinhlaka ezokuPhepha komphakathi nokuxhumana nezinye izinhlaka zomthetho.
Ukugasela kule mboni yendwangu yaseNewcastle kungeminye yemibhidlango kaNtuli namaphoyisa akulesi sifundazwe yokukhuculula abantu bokufika abangenawo amaphepha abagunyaza ukuba kuleli zwe.
Kubikwa ukuthi laba bokufika abebesebenza kule femu yaseMabhodini, baboshwa nje bese bakhelwe imikhukhu abebehlala kuyona ukuze bangabonwa muntu. Ngokuboshwa kwalaba bokufika nabaqashi babo okungabomdabu baseChina, uNtuli ube esenxusa izimeya zomasipala bamadolobha angaphansi kwesiFunda saseMajuba ukuthi zigasele ezitolo zabantu bangaphandle zihambisane nezinye izinhlaka zomthetho.
Kubikwa ukuthi uNtuli utheleka kule femu yendwangu nje ubesuka embizweni yokulwisana nobugebengu eWadi 11, Osizweni, ngoLwesihlanu ukuyokhuza ngobegebengu osebudlangile esiFundeni saseMajuba obubandakanya amaqembu emigulukudu.
“Kunamaqembu emigulukudu aneminyaka esukela kwengu-14 kuya phezulu aphilisalubhojozi izakhamizi zakule ndawo, aphazamisa ukufunda aphinde abulale abantu kulesi siFunda saseMajuba,” kusho uNtuli esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba.
Besibize amakhosi, amaphoyisa, izakhamizi, abefundisi, abelaphi bendabuko nezinye izinhlaka zikahulumeni kanye nezinhlangano ezilwisana nobugebengu, ukuze sizoxoxisana ngokuthi siqhamuka kanjani nesixazululo esizophephisa izakhamizi kula maqembu ezigelekeqe.
“Izinyanga mbumbulu zifaka le migulukudu amabhande, zibaqinise bese zithi mabeze nabanye ukuze nabo bezoqiniswa baphinde bafakwe amabhande azobenza bangalawuleki bese bephilisa lubhojozi izakhamizi.
Amaphoyisa asoSizweni ashodelwa yizimoto zokulwisana nalesi sihlava semigulukudu nokubhenywa kuphinde kushushumbiswe izidakamizwa.
Inhloso enkulu yale mbizo bekungukuzoqinisa izinhlaka zokulwisana nobugebengu obudlangile kulesi sifunda okubalwa kuwo wona la maqembu emigulukudu.”
“I-Osizweni iyona ehamba bambili ngokuba namaqembu emigulukudu kanti nezindawo ezifana noMadadeni, Utrecht neDannhauser nazo zinawo la maqembu, kunanezidleke eziningi zezidakamizwa kulezi zindawo.”
Ngokusho kukaNtuli, uMnyango wezokuPhepha wezokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi esifundazweni, amaphoyisa nezinye izinhlaka bayayilwa le mpi yobugebengu obenzeka kulezi zindawo zaseMajuba ngenhloso yokubuqeda, ukuze umphakathi uhlale uvikelekile, uphephile.
Uthe kumele kuhanjelwe kulezi zindawo okubonakalayo ukuthi ziyizizinda zalobu bugebengu obudlangile, kuphinde kutshalwe abezomthetho kuzona.