ZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa abasolwa. Isithombe. SITHUNYELWE
KUBOSHWE abasolwa ababili abaneminyaka engu-23 newu-71,kwashaqwa izibhamu ezine ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu eKranskop kanye naseMsinga.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa abenohlelo lwezobunhloli ngenkathi ebopha laba basolwa abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Okhulumela amaphoyisa kwisiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana ,uthe esitatimendeni kuboshwe abasolwa ababili kwashaqwa izibhamu ezine eKranskop kanye naseMsinga.
Uthe esitatimendeni umkhankaso uqale endaweni yase Hlolwane ngaphansi kwaseMsinga lapho athe amaphoyisa egasela khona afike abopha umsolwa, ashaqa izibhamu ezimbili ezintathakusa zanamuhla uMsombuluko 24 February 2025.
“ Umsolwa wokuqala ube eseyamaniswa namacala okubulala abantu abane, ababulawa ngo Okthoba 2023 endaweni yaKwaNqulu , eNquthu,” esho , eqhuba ethi ube eseboshelwa amacala okubulala kanye nokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Uqhube wathi esitatimendeni , esigamekweni esingahlobene nalesi amaphoyisa aqhubekele endaweni yase Mphise ,eKranskop lapho amaphoyisa oPhiko lwe KwaZulu-Natal Tactical Response Team (TRT) , egasele emzini thizeni afike asesha athola izibhamu ezimbili okuyi shotgun kanye ne .22 rifle kanye nezinhlamvu konke okungekho emthethweni.
Uthe esitatimendeni , lezibhamu ezishaqwe kuboshwa abasolwa zizohamba ziyohlolwa ukuthi azikaze zimbandakanyeke ezenzweni zobugebengu.
Uphethe ngokuthi abasolwa bazovela ezinkantolo ezahlukene okungeyase Msinga kanye neyaseKranskop kanti nophenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.