KUBOSHWE abasolwa abawu-6, abaneminyaka esikela kwewu-26 kuya kwewu-64,kwashaqwa inyama yezinkomo zokwebiwa esiGcemi A Osizweni, eNewcastle , eNyakatho neKwaZulu-Natal. Kuvelile ukuthi besekunezigameko eziningi ezibikiwe esiteshini samaphoyisa ase Utrecht abalimi bekhalaza ngokulahlekelwa kwezinkomo. Kuzokhumbuleka ukuthi kulesiFunda Amajuba indawo yase-Utrecht iyona enamapulazi kanye nabafuyi bemfuyo eningi. Okhulumela amaphoyisa uLizzy Arumugam ukuvezile ukuthi amaphoyisa abegadile kusukela izolo ebusuku mhlaka 19 June 2024, kanti nempela bazobabona abasolwa abebehamba ngeQuantum elimhlophe , babe sebelandela lapho bethe uma begasela khona bafica laba basolwa neyama yezinkomo esezihlinziwe babe sebeyaboshwa khona lapho. Kuphinde kwavela ukuthi ngenkathi beboshwa inyama ibisifakwe kumadeep fridges amathathu amakhulu. “Omunye wabasolwa uboshwe Enkululekweni Reserve emzini wakhe , watholakala nemimese okukholakala ukuthi iyona ebisetshenziswa ngenkathi kuhlinzwa lezinkomo. Inyama ibuyiselwe kumnikazi emva kokuboshwa kwalaba basolwa,” esho. Uqhube wathi ababili bala basolwa baboshelwe ukushayela bephuzile kanye nezidakamizwa. Kuvelile ukuthi laba basolwa baboshwe yi-Amajuba Task Team, bebambisane nomphathi wesiteshi sase-Utrecht uLt-Col Shooz Magudulela. Umphathi wesiFunda Amajuba uMaj-Gen Fredd Alexandra uwuncomile umsebenzi owenziwe ilamaphoyisa ebambisane nomphathi wesiteshi sase Utrecht uLt-Col Magudulela.