ZIBHAMU nezinhlamvu ezitholakale kuboshwa abasolwa.
KUBOSHWE abasolwa ababili kwashaqwa izibhamu ezintathu , kubasolwa abeneminyaka engu-33. Lokhu kuthele izithelo ezinhle ngoba kuboshwe owokufika kuleli ngenxa yokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni. Okhulumela amaphoyisa eMzinyathi uConst Siyabonga Nkwanyana uthe amaphoyisa aseNhlanhleni abenezivimba mgwaqo ku-R33 kumgwaqo i-Dundee/ Greytown ngenkathi uvimba imoto yohlobo lweDouble Cab ngenkathi beyisesha bathola izibhamu ezimbili ezincane kanye namavesiti ukuvimbela inhlamvu (bullet proof vest), kwabe sekuboshwa umsolwa ngokutholakala nesibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Uqhube wathi kwesinye isigameko esingafuzanga lesi mhlaka 5 January 2024 eNtunjambili, engaphansi kweKranskop kuboshwe umsolwa obewuhlupho kulendawo esibalulwe ngenhla naye otholakele nesibhamu esingekho emthethweni, kanti lomsolwa uzovela enkantolo kaMansthi waseMsinga ebhekene necala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.