INSANGU eshaqwe ngamaphoyisa kosolwa ngokuyidayisela izingane zesikole Isithombe: SAPS
KUBOSHWE umlisa oneminyaka engu-29 ngemva kokubhadanywa ngamaphoyisa edayisa insangu kubafundi bakwesinye sezikole zaseLamontville, eThekwini.
Kubikwa ukuthi lo mlisa ubedayisela izingane insangu endlini thizeni ngaphandle kwesikole. Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe lo msolwa uboshwe ngamaphoyisa ophiko lwe-Social Crime Prevention ngemuva kokulunywa kwawo indlebe ngamalunga omphakathi ngokudayisela kwezingane umthunzi wezinkukhu.
”Ngenkathi eboshwa lo msolwa utholakale nezingane ezingu-10 abezidayisela insangu kuyo le ndlu eseduze nesikole. Kulezi zingane zesikole ezitholakele kule ndlu bekukhona ezamantombazane ezingu-8, nezabafana ezimbili.
“Ütholakale nensangu abeyidayisela lezi zingane ezincane wabe eseboshwa khona lapho. Ngokubona ukuthi imfundo ibalulekile futhi kubhalwa nezivivinyo zokuphela konyaka, abafundi laba baxwayisiwe phambi kwabazali, base beyadedelwa,” kusho uColonel Netshiunda.
Lo msolwa uvelile eNkantolo kaMantshi yaseWentworth ngoLwesine ngoNovemba 14, ebhekene necala lokushushumbisa insangu.