KUBOSHWE owesifazane oneminyaka engu-18 emva kokuba evule amacala amabili angekho ,elokuthunjwa kanye nelokudlwengulwa eVerulam mhlaka 2 Meyi 2025.
Kubikwa ukuthi lona wesifazane wahamba wavula icala lokuthi babe sendaweni yokuzijabulisa (party), babe sebecela imoto yohlobo lwe e-hailing ukuba ibase emakhaya besuka e-Waterloo, kodwa umshayeli wabasa eThekwini, kunokuba abase emakhaya.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, kuboshwe owesifazane oneminyaka engu-18 , emva kokuba evule amacala angekho , elokuthunjwa nelokudlwengulwa.
“Ngenkathi evula icala watshela amaphoyisa ukuthi wabe esepatini e-Waterloo, nabangani bakhe base becela imoto e-hailing ukuba ibase emakhaya, kodwa kunokuba ibase emakhaya yabasa eThekwini,”kusho yena esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni , lona wesifazane waphinde watshela amaphoyisa ukuthi bathi besendleleni bahlangana nenye imoto, wabe esephoqwa ukuthi akanikezele ngesikhwama sakhe kuleyomoto esinezinto zakhe, babe sebemthatha bemuse ekilabhini eClaremont, lapho bafike bamshaya khona , bamphoqa ukuthi akadle izidakamizwa wabe esedlwengula iqulu la madoda.
“ Amaphoyisa abe esevula amacala amabili elokuthumba kanye nelokudlwengula,” esho esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni , athe amaphoyisa uma enza uphenyo kwavela ukuthi ummangali wabe ehubhuza amanga, kanti ekugcineni wabe esevuma ukuthi wabe ehubhuza amanga njengoba wabe esabaukuthi umama wakhe uzophoxeka komakhelwane.
“ Lona wesifazane ube eseboshwa kanti usevelile naseNkantolo kaMantshi wase Verulam ngoMsombuluko , wabe esededelwa ngebheyili,” kusho uColonel Netshiunda , eqhuba ethi lona wesifazane uzophinde abuyele eNkantolo yase Verulam maduzane.
UKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi uthe esitatimendeni, lokhu kuzothumela umlayezo kwabanye ukuthi akuqanjwa amanga kuvulwe amacala angekho.
Uqhube wathi esitatimendeni, singamaphoyisa siyaqinisekisa ukuthi siyalwisana namacala abhekiswe kubantu besifazane kanye nezingane.
“Siyalwisana futhi nabantu besifazane abavula amacala angekho,” kulanda yena esitatimendeni, eqhuba ethi baningi abantu besilisa engabe sebeboshiwe ngalesi senzo salona wesifazane, bese ekugcineni izisulu zizofuna imali yamademeshe emaphoyiseni (civil claims).
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , ukuvula amacala angekho kumosha isikhathi samaphoyisa kanye nezinsiza kanti futhi kuyicala.