KUBOSHWE umalugaju oneminyaka ewu-31 ehositela laseMlaza mhlaka 27 August obefunwa uthuli ngamaphoyisa ngoxaxa lwamacala okudlengula. Kuvelile ukuthi lomalugaju uboshwe kuBlock J2 eGlebelands ngoLwesibili emva kokuba amaphoyisa abemthungatha isikhathi eside. Kuphinde kwavela ukuthi amaphoyisa abelandela umkhondo esebenzisa nezobunhloi abe esbopha lomsolwa obecashile kulendawo esibalulwe ngenhla, kanti ngenkathi eboshwa utholakale nomakhalekhukhwini wesisulu asidlwengule ngomhlaka 25 August 2024. Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni uCol Robert Netshiunda uthe kuboshwe umsolwa obethungathwa amaphoyisa ehositela laseMlaza , eGlebelands , kwashaqwa umakhalekhukhwini wesisulu esineminyaka ewu-26 , aqeda kusidlwengula ngeSonto esiphuma kulo mhlaka 26 August 2024. Uqhube wathi lesigilamkhuba izisulu besizithola ezinkundleni zokuxhumana internet sizenze umngani nazo bese sizimemela ezinkundleni zemidlalo zakhona kuleli hositela. “ Ngenkathi lesisulu sokugcina wasimema bagcina sebeye enkundleni lapho afika khona wavuka indlobane wabe esesidlwengula esisabisa ngomese,” esho. Uqhube wathi emva kokuba esidlwengulile isizulu ube esethatha umakhalekhukhwini waso , wabe esikhipha isim card yaso wasinika wathi masihambe. Uthe lomsolwa ubefuneka ngochungechunge lwamacala okudlwengula kanye nawokubamba inkunzi kuhlonyiwe. “ Onke lamacala ubewenza khona kulelihositela,” kuqhuba yena. Uthe icala lakhe lokuqala labikwa ngoDecember 2021 lapho adlwengula khona isizulu esabe sineminyaka ewu-30 naso wayesithembise umsebenzi woku ayina. “ Lesisulu wasidlwengulela endlini yakhe,” kulanda yena. Uphethe ngokuthi lesigilamkhuba siyamaniswa namacala awu-27, ngenxa yolibofuzo olwaluthathwa uma egila lomkhuba. Umsolwa uzovela eNkantolo kaMantshi waseMlaza namuhla mhlaka 29 August 2028, kanti nophenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.