KUBOSHWE umsolwa oneminyaka ewu-43, emva kokuba kuthiwa webe uphethiloli. Kuvelile ukuthi umsolwa waya egalaji lakwa Shell, esitaladini Allen,eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, wafika wafaka uphethiloli wemali ewu-R160, wabe eseshaya utshani ngaphambi kokuba awukhokhele. Lomsolwa ube eseboshelwa lona leli cala kanti futhi usevelile eNkantolo kaMantshi waseNewcastle, ebhekene nalo leli cala lokwetha uphethiloli mahala.
Uhulumeni usekuqinisekisile ukuthi sebekhokhelwe abasiza ezikoleni abangu-124 000
UMNYANGO wezeMfundo eyisiSekelo (Department of Basic Education), usukuqinisekisile ukuthi abasiza ezikoleni abangu-124 000 sebekhokheliwe imihlomulo yabo. Kubikwa ukuthi lenkokhelo yenzeke...