KUDALEKE amathuba omsebenzi kulwisanwa nokuxhaxhaza kwamani. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uBongiwe Sithole-Moloi, uthe bengumnyanga baphume umkhankaso wokulwisana nokuxhaxhaza kwamanzi esifundazweni saKwaZulu-Natal. Uthe loluhlelo luzohanjiswa komasipala abawu-5, okuyi-eThekwini, uMzinyathi, Ugu, uThukela kanye nase-Ilembe, kanti lolu hlelo luzodala amathuba omsebenzi kubantu abawu-350, kanye nama athizeni (artisans), abantu ababhekelele amanzi okungama egenti (water agents) kanye nabantu abangenawo amakhono (general workers), abazobe belwisana nokuvuza kwamanzi. Kuvelile ukuthi ungqongqoshe uzophinde ahambise izincwadi zokuqashwa kwabantu (letter of appointments), izingubo zomsebenzi zokuphepha phecelezi personal protective wear (PPE), kanye namathuluzi okuqhuba lomsebenzi ngaphansi kwaloluhlelo oselubalulwe ngenhla. Kumenywa abezindaba ukuba babe yingxenye yalokunikezelwa kwezincwadi zokuqashwa kanye nezimpahla zokuvikela abasebenzi.Lokhu khlelwe ukuba kwenzeke kusasa, kanti uhlelo lume kanje:
Usuku: 23 May 2024
Indawo:Lindelani Sport ground. KwaDukuza Local Municipality
Isikhathi: 10 ekuseni