AMAPHOYISA oPhiko lwe multidisciplinary team okufakwa kuwo Umzinyathi District Task Team kanye ne National Deployment Team , bakholwa ngukuthi umsebenzi wabo uthele izithelo ngoba bekwazile ukubopha umsolwa ebefunwa uthuli efunelwa amacala awu-3, okubulala kwaNqulu,eNquthu, eNyakatho neKwaZulu-Natal, okwenzeka ngonyaka ofile ngo October 2023. Kuvelile ukuthi lesigilamkhuba besifunwa saze sayotholakala eMsinga , kanti ngenkathi siboshwa sitholakale nesibhamu sohlobo lomjojantaba (rifle), okukholakala ukuthi isona esasetshenziswa mhla kudutshulwa kubulawa laba abathathu. Kuvelile ukuthi ngenkathi amaphoyisa esendleleni eyobopha lomsolwa abone omunye umsolwa ephethe isibhamu ngaserenkeni yamatekisi yakulendawo esibalulwe ngenhla. Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni KwaZulu-Natal uCol Robert Netshiunda uthe amaphoyisa abeyobopha umsolwa obefunwa phansi phezulu mayelana namacala awu-3 okubulala okwenzeka kwaNqulu. Uthe ngenkathi esendleleni ebheke lapho bekukholakala ukuthi umsolwa ubhace khona abone omunye umsolwa ephethe isibhamu erenkeni yakulendawo esibalulwe ngenhla. Uqhube wathi ngenkathi amaphoyisa esondela ngakuyena , uvele wadubula ebhekise ngakuwo amaphoyisa kanti nawo aphendule ngezulu lezandla wasala enkundleni umsolwa , kwalimala iphoyisa elilodwa engalweni, ngenkathi kuphendulwana ngezulu lezandla. Uthe lomsolwa udubuleke washona utholakale nesibhamu sohlobo lwe .38 special revolver, izinombolo zayo irevolver zicishiwe. Uthe iphoyisa elidubulekile liphuthunyiswe esibhedlela lapho lithola khona ukwelashwa. Uqhube wathi lezibhamu ezitholakele zizothathwa ziyohlolwa ukuthi azikaze yini zimbandakanyeke ebugebengwini kanti umsolwa lona oboshiwe uzovela enkantolo yaseMsinga maduzane.