LABA ngabaklonyeliswe ngenkathi bekuneBambelele Business Award
IKWAZULU-NATAL , Hollywoodbets Foundation ibiklomelisa osomabhizinisi abasafufusa ngenhloso yokubathuthukukisa ngaphansi kohlelo lwayo olibizwa ngokuthi i-Bambelela Business Awards. Kuvelile ukuthi lokuklonyeliswa kosomabhizinisi abasafufusa obekubanjelwe eHollywoodbets eGreyville Racecourse, eThekwini ngelendlule, lapho bekuxhaswa khona osomabhizinisi abancane , bakulesiFunda i-KwaZulu-Natal. Kuphinde kwavela ukuthi laba bebexhaswa ngaphansi kwesiqubulo esithi “Bambelela (Hold On) – Your Dreams Are Valid,” , kanti kuwo lomcimbi osubalulwe ngenhla bekunezihambeli eziqavile, izikhulu zamabhizinisi, abezimboni , oncweti emikhakheni eyahlukene, izikhulu zikahulumeni, amalunga omphakathi aqavile kanye nabanye osomabhizinini. Ngokusho kokhulumela i-Hollywoodbets, uVuyisile Ngobese lokuklonyeliswa kugqamise ukubaluleka kosomabhizinisi ezindaweni abahlala kuzo kanye nokuzinikela kosomabhizinisi ekukhuleni kanye naseku khuliseni umnotho wesifundazwe. Uqhube wathi lokhu kuqale mhlaka 25 march 2024 lapho bekukhona osomabhizinisi abancane, abaphakathi kanye nasebekhulile (Small, Medium, and Micro-sized Enterprises (SMME), kanti bekufuneka bakhombise ngabakwenzayo emabhizinisini abo, kanti loluhlelo lihehe osomabhizinisi abawu-120 , kwasekuhlungwa kubo abazokl;onyeliswa. “ Labo somabhizinisi baqale ngokukhombisa ngomsebenzi wabo, bezozicelela uxhaso, kanti bekunamajaji ebebuka lemisebenzi bese behlunga abazoxhaswa. Kanti lokhu bekuhloswe ngakho ukuba osomabhizinisi baziveze , baphinde bafake izicelo zokuxhaswa, baphinde bakhombise ukuthi bazigcina kanjani izimali zabo kanti isikhulumi sosuku bekungu Mnu Sandile Zungu, onguwuSihlalo weZungu Investments, kanti uNkk Zandile Maseko, yena ubemele i-Hollywood Group Board of Directors, lapho ekhombise khona okukhulu ukwenama ngendlela osomabbizinisi abebezimisele , futhi nabeHollywood Foundation’s , bakhombise okukhulu ukwenama futhi bakuqinisekisa ukuthi bazoqhubeka nokuxhasa osomabhizinisi abasafufusa,esifundazweni. Uqhube wathi ngijabule kakhulu ngoba ngimele i-Hollywood Group Board of Directors, ukuba sigubhe lolusuku olubalule kangaka lokuxhasa osomabhizinisi njenge ngaphansi kohlelo i-Bambelela Business Awards, futhi sikujabulele ukuba kuvezeke amaphupho osomabhizinisi abaphumelele ukuba bathole uxhaso lwemali . Siyazi ukuthi laba abahlomulile bangaba namandla okukhulisa umnotho waseMzansi baphinde bavule namathuba omsebenzi, , baqede nobubha, kulanda uNkk Maseko. Kube sekumenyezelwa osomabhizinisi abwu-20 abaphumelele nabahambe phambili ngenkathi kuhlungwa, kanti bonke bebebekelwe imali ewu R750,000, ewuxhaso obeluvela ku-Hollywood Foundation. Abathathu abahambe phambili baxhaselwe ukukhulisa amabhizinisi abo nokuthi baqikelele ukuthi awafi. Kuphinde kwavela ukuthi oweGagasi FM, obethunywe yi-Managing Director Minenhle Dlamini, uxhase ngesamba sika R100,000, sokukhangisa kulaba abahambe phambili.UDes Ngema, of Desbaked, ophume phambili uthe ujabule kakhulu ngokuthola lemali ukuze afeze amaphupho ache futhi akhulise ibhizinisi lakhe. Uqhube wathi eminyakeni embalwa endlule waqunga isibindi washiye umsebenzi ngenhloso yokuvula ibhizinisi lakhe. Kuphinde kwavela ukuthi usuku bekungahlosiwe ngalo ukuba kujatshulwe kodwa bekuhloswe ngalo ukukhombisa ukuthi Hollywood Foundation’s, izibophezele kangakanani ekuthuthukiseni osomabhizinisi abasakhula kanye nokuthuthukisa laba abasemphakathini, besebenzisana Bambelela Business Awards.
Abahambe phambili abangu 20 bahlomule kanje:
Grand Prize Winner: Des Ngema of Desbaked from Durban – R100 000
First- Runner Up: Sne Dlamini of Makoti Life and Style, from Dannhauser – R70 000
Second Runner Up: Thandeka Malinga of Defyn Dezign from KwaDukuza – R50 000
The 17 winners of the R30 000 Contribution
Femactive Studio
Hazelmere Lounge
Dr Phyto Medicinal Plants
Something Tasty
Good to Glow Beauty & Cosmetics
Memorable Holiday
Uthando Glow Skin Care
Nyame Adom Farming
Khangs Deep Cleaning Specialists
Maswazi Technologies
Spot-On Fire Controls
Lunyezi Farms
NL Maphanga Attorneys
Risellinaires Holdings
Sir Rooster Farms (PTY) LTD
Tropical Paradise Smoothie Bar
Accra Group