NGUMNU Dumsani Moyo weNtabankulu Farmers Association (ophambili), ngenkathi kunomhlangano wokucobelelana ngolwazi
KUGQUGQUZELWE ukubaluleka kokusebenzisa inhlabathi ukuxosha ububha nendlala engqungqutheleni yokucobelelana ngolwazi lwezolimo ebiseFulathela, eDannhauser, ngoLwesibili.
Le ngqungquthela ibihlelwe yiNtabankulu Farmers Association eholwa nguMnuz Dumisani Moyo, ngenhloso yokucobelela abalimi abasafufusa nentsha yendawo ngezolimo.
Beyethanyelwe ngabalimi abangu-70 abaliqhamukisa ezindaweni okubalwa kuzo i-Newtown, Fairbreeze, Mbabane, Springbok, Mafahlawane, KwaFlebhu, Hudula, Fulathela, Osizweni, Blaawubostch, Madadeni, nasedolobheni iNewcastle.
“Umnotho usemhlabathini, ukudla sekuyabiza ezitolo, manje yingakho abantu kufanele bafunde ukuzilimela ukudla kwabo, njengoba imisebenzi ingekho nje,” kusho uMnuz Moyo, oveze ukuthi wayefundisa izifundo zolimo eWhite City Skills School, okuyisikole sabaphila nokukhubazeka esiseSoweto.
“Ngayeka ngonyaka ka-2019 ukufundisa, sengifundise iminyaka engu-10, emva kokuba unkosikazi wami, uTholakele Sibiya-Moyo engenele umncintiswano wezolimo ngawo lowo nyaka.
“Wayengene ngaphansi kwenhlangano yasekhaya, i-Ntabankulu Farmers Association, engenele ngaphansi kophiko lwabesifazane, wabaqwaqwada emakhanda bonke abalimi besifazane lapha KwaZulu-Natal, wabe esoyomela isifundazwe ezingeni likazwelonke eCape Town, nakhona waphuma phambili.”
UMoyo othi wayebuye aphazimiseke ekufundiseni ezolimo ngenxa yokuthi wayesevele eseqalile ukuba ngumlimi ngokwakhe, uveze ukuthi usefundisa izifundo zolimo emzini wakhe eFulathela, aphinde alekelele ngokutshalela osomabhizinisi abasafufusa.
“Ngikhuthaza intsha ukuba igxile kwezolimo, nalabo aseke baba namabhizinisi. Angibakhuthazi abantu ukuba bangene ebhizinisini lezinkukhu ngoba ukudla kwazo kuyabiza bese beyawa. Kungcono uthi ukulo ibhizinisi lezinkukhu ube nelinye eceleni elikungenisela imali. Nokho kule nhlangano yethu siyakukhanda ukudla kwezinkukhu, futhi nabantu siyabafundisa ukuthi bazikhandele ukudla kwezinkukhu.”
UMoyo onenqwaba yeziqu zemfundo ephakeme okubalwa kuzo i-Diploma in Business Management, Advanced Diploma in Finance, Diploma in Human Rights, BCom Degree in Industrial Psychology, nezinye, uphethe ngokuthi kule ngqungquthela yokucobelelana ngolwazi baphisane ngezimbewu zokutshala.