KUNGENKATHI kunomkhuleko entabeni eyingcwele
KUKHULEKELWE ukuthula, uzinzo entabeni engcwele kaCeza kugujwa usuku lweSilo uDinuzulu KaCetshwayo, ngelendlule. Lugujwa nje lolusuku kuzokhumbuleka ukuthi Isilo uDinuzulu kaCetshwayo sahlala iminyaka emibili kelentaba yakwaCeza ephephisa impilo yakkhe. Bekhukhona neSilo Samabandla kulomkhuleko uMisuzulu kaZwelithini. UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uRev Thulasizwe Buthelezi, ehambisana nbanye ongqongqoshe okubalwa kubo oweZemidlalo, ezoBuciko kanye namaSiko, uMntomuhle Khawula kanye nowezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga bebeyingxenye yalomkhuleko obuhlanganise amabandla ahlukahlukene. UNdunankulu wesiFundazwe uMnu Thami Ntulu , ethumele uRev Buthelezi, ugqugquzele ubumbano nokuthi kumele kuqinisekiswe ukuthi kuvuleka amathuba emsebenzi entsheni. “ Uthe makubekwe phambili izinhlelo zokuhlomisa abantu abasha ngamakhono kuphinde kuvulwe amathuba omsebenzi,” kusho uRev Buthelezi, egameni likaNdunankulu. Uphethe ngokuthi akube khona ukubekezelelana kuphindwe kuhlonishwane kube nokuthula.