NGAMADODA abehambele imbizo yamadoda. Kwesinye ngu Siboniso Nene (Naas farm Clinic Operations Manager), kanye noKhansela Richard madeIzithombe: LANGELIHLE CHAGWE
IBE yimpumelelo imbizo yamadoda ebibanjelwe ehholo lomphakathi eSpringbok, eDannhauser, ngoLwesihlanu. Le mbizo yamadoda bekuhloswe ngayo ukuthi amadoda achaze kabanzi ukuthi kungani engayivakasheli imitholampilo. Amadoda abehambele le mbizo abephume ngobuningi.
“Amadoda awabonakali emitholampilo kanti zikhona izifo eziningi eziwaphethe esiFundeni saseMajuba,” kusho uMnuz Bheki Nxumalo obhekelele ezokuvikela ukubhebhetheka kwesandulela ngculazi kanye nohlelo olubhekelele nempilo yamadoda (HIV Prevention & Men’s Health Programme), eqhuba ethi , sibone ukuthi amadoda awabonakali emitholampilo sabe sesisungula uhlelo olubhekelene nempilo yamadoda (Men’s Health), singumnyango wezempilo.
Uqhube wathi lembizo bekuhloswe ngayo ukuzozwa uvo lwamadoda ukuthi kungani engafinyeleli emitholamiplo.
“Ocwaningweni olwenziwa ngo-2018, lwaveza ukuthi amadoda awayivakasheli imitholampilo,” kusho yena.
Uthe lolu cwaningo lwaveza ukuthi imbangela yokuthi amadoda angayivakasheli imitholampilo , wukungafuni ukuhlolwa ngabahlengikazi besifazane.
“ UMnyango emva kwalolu cwaningo wabe usugqamuka nesu lokuthi kubekhona iMen’s Health , lapho amadoda ezohlolwa ngabahlengikazi besilisa (Male nurses) , uma bevakashela imitholampilo kanti futhi umnyango unazo izinhlelo zokwakha imtholampilo yabantu besilisa kuphela kodwa ngenxa yezimali awukazakhi.
“ Sikhuluma nje kweminye imtholampilo, amadoda awasahlolwa ngabahlengikazi besifazane ngoba sebekhona abesilisa ababhekene namadoda ngqo,” kuqhuba yena uMnuz Nxumalo.
Uthe amadoda aphathwa izifo ezifana no TB , HIV kanye nezinye ,kanti futhi amadoda angu-68 000 eMajuba ayagula.
“ Amadoda afike ahlolwe atholakale ukuthi aphethwe izifo sembelesela (Chronic diseases), aqalise ukuthatha imishanguzo bese futhi esenyamalala angaphinde ayilande.
“Amadoda ayangena aphinde aphume kwimishanguzo,” esho.
Uphinde wakuveza ukuthi le sifo sokulaxaza imishanguzo asibhekene namadoda kuphela nabantwana abasebancane bayayiqala , baphinde bayiyeke phakathi nendawo.
Uthe izinga lokukhulelwa elihlonzwe emtholampilo i-Naas Farm clinic kwamantombanzane aneminyaka esikule ku-13 kuya kwengu-19 , siphezulu kakhulu kusifunda Amajuba, kanti ngomunye unyaka isiFunda Amajuba isona esabe sizihola phambili ngokukhulelwa esiFundazweni i-KwaZulu-Natal.
“ Amadoda amaningi awazi nokuthi kwenzakalani emakhaya awo ngoba le zingane ezisuke sithatha imishanguzo ziphinde ziyiyeke asuke engazi ngalokho,” esho.
Uphethe ngokuthi uma usuwuqalile umshanguzo ungaphinde uwuyeke.
Ukhansela wese Wadi 8 ngaphansi kukaMasipala waseDannhauser uRichard Madi uthe , izimbizo zamadoda ezifuze lena kumele zenziwe ngaso sonke isikhathi, ukuze silekelaleneni ngezinkinga esibhekene nazo.
uDokotela (Dkt) Dumsane Ndlovu uthe, yekelani ukufihla izifo bese kuthi uma senindlulile emhlabeni kuthiwa benidlisiwe.
Uthe umuntu wesilisa uyaya emtholampilo, uma ebona ukuthi uzosizwa ngumhlengikazi wesifazane ashintshe athi uphethwe ikhanda kanti isifo socansi.
“Asikuthatheni esikunikwa kona kulenkundla yamadoda , siphinde siyilande nemishanguzo futhi singalindi ukuthi size sibizwe ngabezempilo kodwa asibabizeni thina uma sinezinkinga ezithinta thina ngqo.
UDkt Mhlengi Mabaso wesiFunda Amajuba obhekelele ezempilo zamadoda (HIV and Men’s Health), uthe ukusoka kubalulekile kakhulu ngoba kunciphisa amathuba okutheleleka ngezifo ezithathelenayo, zocansi.
Ube eseqwashisa amadoda ukuba awahlale eyohlolela isifo zomdlavuza womphambili noma wesende (prostate cancer), uma sebeneminyaka endlulile kwengu-50 ngoba sivamisile.
“ Lesi sifo sidalwa kakhulu uphuzo oludakayo, ukubhema kanye nanokuhlala ubanjwa izifo ezithathelelanayo,” kusho uDkt Mabaso, eqhuba ethi lomdlavuza uyelapheka kumele uhlale uwuhlola ukuze angabhebhetheki.
Uphinde wakuveza ukuthi amadoda amaningi ayafihla uma esenesifo zokungavuki kwenduku athe singadalwa izifo eziningi ezifana nesikashukela , umfutho wegazi (Bp), utshwala, ukwantalala ngoba ezinye zivala imithambo yegazi ligcine lingasagijimi ngendlela ugcine ungavukelwa.
UWarrant Officer Gumede uthe kuyihlazo ukuzwa ukuthi indoda endala idlwengule ingane eneminyaka emithathu vo angiphathi uma kuthiwa idlwengule idodokazi yayo.
“Kuyichilo elikhulu okwenziwa ngamadoda aphinde adlwengule osingandodakazi (stepdaughter),” kusho uWarrant Officer Gumede, eqhuba ethi amadoda awayekele ukuthi uma edle amanzi amponjwana enze ucansi zingakalali izingane.
“Yekani ukubhema insangu, nokuthumela izingane insangu, utshwala kanye nogwayi.
“Yekelani ukwamukela impahla yokwebiwa efika nezingane zenu ngoba noboshwa nonke ekhaya uma kutholakala impahla yokwebiwa,” esho.
Uthe amadoda awayeke ukuba ngamabhoklolo emakhaya kuthi uma engekho kujabule izingane nomama basemakhaya.
Oyisikhulu esiphezulu emtholampilo (Operations Manager),e-Naas Farm Clinic Sboniso Nene uthe ,amadoda awayi emtholampilo kodwa eza uma ngempela esexakwe izifo zocansi ezithathelanayo esephoqekile.
“ Akekho umuntu wesilisa ogula uma elale nomuntu wesifazane obedle amaphilisi athize kodwa uguliswa ukufa kocansi,” kusho yena, eqhuba ethi amadoda amaningi akholelwa ukuthi umtholampilo ungowabantu besifazane kuphela kanti owawo wonke umuntu ogulayo.
Uqhube wathi uyazizwa izikhalo zamadoda zokuthi kungani engayi emtholampilo kodwa wathembisa ukuthi mhlaka ka 1 Mashi 2025, kulomtholampilo i-Naas Farm Clinic sekuzobakhona umhlengikazi wesilisa ozobe ebhekelene namadoda kuphela, ozosebenza kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.
Uthe isandulela ngculazi asibulali abantu abadla imishanguzo ngendlela.
“ Amadoda angazitholi izingane kumele avakashele imtholampilo futhi ahambisane nomama basemakhaya,” esho.
“Maningi amadoda agula ngokwenqondo kunawesifazane ngisho uhamba emgwaqeni ayabonakala,” kulanda yena.
Uphethe ngokuthi amadoda awawukhuthalele umtholampilo futhi noma ngabe anenkinga yokungavuki kwenduku lukhona uncedo emtholapmilo
