IZANGOMA zezulu sezikhiphe isixwayiso sokuthi lesifundazwe iKwaZulu_Natal, izohlaselwa yizimvula ezinamandla. Lezimvula ziqale ngesonto ukugasela kulesiFundazwe esesibalulwe ngenhla. UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, bathe kulindeleke izimvula ezinamandla, ezihambisana nokuduma kwezulu entshonalanga ne-Midlands. Kuvelile kubo esitatimendeni esithunyelelwe leli phephandaba ukuthi izangoma zezulu zixwayisa izakhamuzi ngokuthi kulaboMasipala abalandelayo okubalwa kuzo Abaqulusi, Alfred Duma, Ladysmith, Dannhauser, Dr Ndosazana Dlamini-Zuma, Underberg, eDumbe, eMadlangeni, Endumeni, Greater Kokstad, Impendle, Ingwe, Inkosi Langalibalele-Escort, Sobabili, Mpofana-Giant Castle, Mpofana Mooi River, Msinga, Newcastle, Nquthu, Okhahlamba, Richmond, uMsunduzi, Ubuhlebezwe, Umngeni, uMshwati, Umziwabantu, Umvoti kanye nase-Umzikhulu. Nkokusho kokhulumela umnyango osubalulwe ngenhla uMnu Siboniso Mngadi, uthi kulindeleke izimvula entshonalanga neMidlands, lapho kulindeleke izimvula ezinamandla, Uthe lezimvula kumele zihambisana nemimoya enamandla kanye nokuduma kwezu. “ Kanti nombane uzoba ukhona makuhlasela lezimvula ezinamandla,” esho. Ulandise leli phephandaba ukuthi baxwayisa umphakathi ukuthi bangazami imifula edla izindwani. Uqhube wathi abantu kumele bagweme , ukuthatha uhambo olungenasidingo, ngoba kuzobe kukhona izikhukhula, kanti futhi naphothiholizi azobe egcwele amanzi okuzokwenza ukuthi bangakwazi ukuwela kahle ngenxa yazo izikhukhula. “ Izakhamuzi ezihlala ezindaweni zasemakhaya zona ziyaxhwayiswa ukuthi zingahlali ngasosebeni lomfula zizame ukukhuphukela ezindaweni ezimaphezulu, ziphinde zingaweli amabhuloho uma amanzi ehamba phezulu ngoba zisuke zingazi noma asegugulekile ngenxa yezikhukhula. Uphethe ngokuthi abezimo eziphumayo kanye nabezezinhlekelele sebeme ngomumo kukhona abahlangabezana nezinkinga zezikhukhula.