UMNYANGO wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, KwaZulu-Natal, usuxwayise izakhamuzi ngezimvula ezinamandla ezisuka kusigaba sesibili kuya kusigaba sesine, kulempelasonto kuze kuyoshaya uMsombuluko. Kuvelile ukuthi ngokombiko othunyelwe izangoma zezulu (South Africa Weather Services) SAWS, zithi kuzoba nezimvula ezinamandla ezihambisana nezikhukhula, kanti imvula elindelekile ibalelwe kwewu-50mm, kanti kulindeleke ukuthi kuguguleke imigwaqo kanti futhi nokuhamba kwezinqola zomgwaqo kuzophazamiseka ngenxa yalezimvula. Okhulumela lomnyango osubalulwe ngenhla uMnu Siboniso Mngadi, esitatimendeni , uthe izindawo noma omasipala abazokhahlamezeka Abaqulusi, Alfred Duma – Ladysmith, Dannhauser, Dr Nkosazane Dlamini-Zuma – Underberg, eDumbe, eMadlangeni, Endumeni, Ethekwini Metro, Greater Kokstad, Impendle, Ingwe, Inkosi Langalibalele – Escourt, Inkosi Langalibalele, KwaDukuza, Mandeni, Maphumulo, Mkhambathini, Mpofana – Mooi River, Msinga, Ndwedwe, Newcastle, Nkandla, Nongoma, Nquthu, Okhahlamba, Ray Nkonyeni, Richmond, Ray Nkonyeni Umdoni Umshwathi, Umzimkhulu, Umsunduzi – Pietermaritzburg, Umvoti, Umngeni, Richmond and Umzumbe. Uqhube wathi abezezinhlakelele nabezimo eziphuthumayo sebemi ngomumo ngokuyolekelela labo abazoba yizisulu zezikhukhula. “ Sinxusa umphakathi ukuthi ube uqalela uyofuna izindawo zokukhosela kungaze kufike lezikhukhula,” esho. Kuphinde kwaxwayiswa abashayeli bezimoto ukuba bangaluthathu uhambo ngazo izimoto uma kungenasidingo futhi bangaweli amabhuloho lapho kunezikhukhula khona, ngoba lokho kobe Kubeka izimpilo zabo encupheni. Uphethe ngokuthi amathimba ezinhlekelele kanye nawezimo eziphuthumayo azophoqoleka ukuba asuse abantu ezindaweni ezinobungozi abase kweziphephile.