KUXWAYISWA izakhamizi ngezimvula ezinamandla ezihambisana nesishingishane ezifundeni ezahlukene zeKwaZulu-Natal, okubalwa kuzo uThukela, uMzinyathi, Zululand kanye neMajuba.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usexwayise izakhamizi zaKwaZulu-Natal ikakhulukazi kelezi zifunda esezibalulwe ngenhla ngezimvula ezinamandla ezihambisana nesishingishane, wathi kumele baqikelele ukuthi bahlala ezindlini ukuze baphephe nemindeni yabo.
UNgqongqoshe uMfu Buthelezi uthe esitatimendeni,”Kunesimo sezulu esingesihle esihambisana nesishingishane esilindeleke ngoLwesibili ntambama komasipala beziFunda uThukela, Zululand, uMzinyathi kanye naseMajuba.”
Uqhube wathi esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba kuqagulwe ukuthi lezimvula ezinamandla zizoba sesigabeni sesihlanu (level 5 alert).
Uthe “Ngokombiko wezangoma zezulu lezimvula ezinamandla ezihambisana nesishingishane zingacekela phansi inqalasizinda, izakhiwo kanye nemigwaqo.
“Lezimvula ezinamandla ziqale ukuhlasela esiFundazweni saKwaZulu-Natal ngempelasonto esisuka kuyona futhi zishiye abantu abaningi dengwane, zacekela phansi amapali kagesi kanye nezakhiwo,” kusho uNgqongqoshe umfu Buthelezi, eqhuba ethi, abezezinhlekelele baphansi phezulu baqikelela ukuthi abantu abakhahlanyezwe ilezimvula ezinamandla baphephile.
Uqhube wathi kuMasipala wesiFunda uThukela ngaphansi kukaMasipala i-Alfred Duma amawadi akhahlazamekile kakhulu kubalwa kuwo uwadi 1, 6, 9, 16 kanye no 20 eMnambithi.
“ Izimvula ezinamandla ziwuse amapali kagesi zacekela phansi nenye inqalasizinda nezakhiwo zikahulumeni kanye nezomphakathi,” kusho uNgqongqoshe uMfu Buthelezi.
Uqhube wathi sikhuluma nje eminye yemizi isale ingenaphahla kwaphinde kwacekeleka phansi nempahla yasendlini.
Uthe izisebenzi zikaMasipala i-Alfred Duma zimatasa zizama ukubuyisela ugesi onqamukile ngenkathi kuwa izigxobo.
“ Kwi Inkosi Langalibalele Municipality emawadini amabili u-20 kanye no-21 bekunomoya onamandla ophephule uphahla lwezindlu, washiya abantu abaningi dengwane.
Izikhulu zikamasipala zimatasa tasa zibheka umonakalo odalekile ngenkathi kuhlasela izimvula ezinamandla nesishingishane,” kusho uMfu Buthelezi.
Uxwayise abantu ukuba baqinisekise ukuthi bahlala ezindlini, bayaqinisekisa ukuthi azikho izinto eziphephukayo ezibekwa budedengu, bagweme ukuhlala ezindaweni eziphansi baphinde baqinisekise ukuthi bayazilalela iziexwayiso mayelana nesimo sezulu esingesihle.
Uphethe ngokuthi abe Provincial Disaster Management Centre (PDMC) , babhizi baxhumana nomasipala ngenhloso yokungenelela ngokushesha uma kunezimo eziphuthumayo, kanti akekho ondlulile emhlabeni noma balimele ngenkathi kuhlasela lezimvula.