UNGQONGQOSHE weZemfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka uthi uthanda ukumema bonke abafundele noma abaneziqu zobuthishela ukuba bafake izicelo zomsebenzi ngoba isiphumile ibhulethini enalezikhangisa zamathishela azobe eqala nqa uksebenza (post level 1). Kuvelile esitatimendeni ukuthi lamathishela azoqala uksebenza ngonyaka ozayo-2025 , kanti kufuneka abangakaze basebenze kanye nabaqashwe ngokwetoho. Uqhube wathi ibhulethini enalezikhangiso iyatholakala ezinkundleni zokuxhumana phecelezi website kuwww.kzneducation.gov.za, ngaphansi kwesihloko noma link ethi vacany. :” Umnyango umema bonke abangasebenzi noma abasebenza ngokwetoho abahlangabezanayo nalezidingo esezibalulwe ngenhla futhi babukusise kahle nokudingakalayo bese befaka izicelo. Kuphinde kwavela ukuthi lokhu kuncike kakhulu ekutheni ungqongqoshe Hlomuka uzibophezele ekuthuthukisweni kokuvulwa kwamathuba omsebenzi amathishela KwaZulu-Natal, kanti lezikhangiso ziyizinkomba zalokho. Uphethe ngokuthi unxusa bonke abanaleziqu ukuba bafake izicelo ukuze nabo bathole amathuba angcono.