ZISALE zinje kuhlasela izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho. Izithombe. Zithunyelwe
KUNDLULE emhlabeni abantu abahlanu ,i okubalwa kubo nengane enonyaka owodawa, vo. kuhlasalela izimvula ezinamandla ebezihambisana nesiphepho, KwaZulu-Natal, ikakhulukazi eMtubatuba. Kuvelile ukuthi lezimvula ezinamandla azigcinanga ngokundlula nemiphefumulo kuphela kodwa nabantu basale dengwane benganamakhaya ngoba izindlu zabo ziphephukile kanti ezinye ziwile. “Lezimvula zicekele phansi izindlu ezibalelwa kumashumi ayisikhombisa (70), ezindaweni okuyi-Somkhelo kanye naKwaMyeki, zacekela phansi inqalasizinda okubalwa kuyo izintambo zikagesi, imigwaqo, amabhuloho kanye nezimoto,”kusho okhulumela uMnyango wezokuBusa kanye nokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnu Sibiniso Mngadi, eqhuba ethi, kumanje abantu bahlaliswe emahholo kanye nasemasontweni, laba abasale dengwane. Uthe abanye bahlezi ezihlobeni kanti abanye bacushiswe ngomakhelwane sikhulma nje. “Kunemibiko ethi kulimale izimoto, kwezinye izindawo, amapali kagesi ka-Eskom, izintambo zikagesi kanti nezimpahla zabantu kubikwa ukuthi zisakazeke zagcwala indawo yonke,”esho. Uqhube wathi kwiziFunda ezimbili okuyi-Harry Gwala Kanye neGreater Kokstad kanye nase Pakkies , bekugasele izimvula ezinamandla zihamba nesiphepho, kanti akubikwanga zigameko zokundlula kwabantu emhlabeni. Uthe kuMasipala Umzimkhulu kubikwe izigameko ezine zokukhahlakamezeka kwemizi kodwa akubikwanga ukuthi kukhona abandlule emhlabeni. “KwisiFunda Umgungundlovu kubikwe ukuthi zingu-23, izindlu ezilkhahamezekile zikhahlanyezwa izimvula nesiphepho,ematshotshombeni ase-Rosetta, ngaphansi kwamasipala i-Mpofana. “Ondini , kwisiFunda i-Zululand, kuphephuke amabloko amafulethi aqashisayo, kodwa akubikwanga ukuthi khona abalimele ngenkathi kwenzeka lesigameko. UNgqongqoshe walomnyanyo osubalulwe ngenhla uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, wendlulise amazwi enduduzo kulabo abalahlekelwa ngamalunga emindeni yawo. Uthe esitatimendeni, ababhekelele ezezimo zezenhlekelele bazoqhubeka babe sezindaweni ezikhahlamezwe ilezimvula ezinamandla, futhi zibheke nomanakalo odalekile, bese zinikezela ngomatilasi, izingubo, ukudla kanye namatende okufihla ikhanda okwesikhashana. Siyahlangana neminye iminyango yohulumeni efana nowezeNhlalakahle, owokuHlaliswa kwaBantu , neminye,ukuze kusizakale abakhahlazamekile. Uthe amanye amathimba azobe eqhamuka komasipala nawo aphansi phezulu ngenhloso yokusiza uma kunesidingo. Uqhube wathi imiphakathi kumele iqikelele ukuthi isezindaweni eziphephile ngoba kuyisikhathi sezimvula, futhi zisazoqhubeka.