IZULU ebelihambisana nokuduma lindlule emhlabeni nomntwana wesikole oshaywe ngumbani, kwalimala ababili, bephuma esikoleni ngelendlule, esikoleni samabanga aphansi i-Mandlamasha, e-Dannhauser. Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uMnu Siboniso Mngadi, uthe abantwana bebephuma esikoleni ngenkathi omunye eshaywa ngumbani washona kwalimala ababili, abehamba nabo. Uthe lelizulu beli hambisana nomoya kanye nokuduma kwezulu elinamandla elindlule nomphefumulo wengane yesiklole. “ Leli zululikhahlameze izindawo okubalwa kuzo i-Dannhauser, Escourt, Vryheid kanye naso-Ulundi,esho, eqhuba ethi, laba abalimele baphuthunyiswe esibhedlela lapho kuthiwa bayalulama khona. UNgqongqoshe walomnyango osubalulwe ngenhla uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, wendlulise amazwi enduduzo emndeni olahlekelwe ingane ehambe iya esikolweni kodwa yagcina ishonile ngenxa yezulu elinamandla elihambisana nezikhukhula kanye nombani. Ube esefisela laba bafundi abalimalile ngnkathi umbane ubashaya ukuthi , balulame ngokushesha. Uqhube wathi ubuhlungu kakhulu futhi usethukile ukuthi kundlule emhlabeni umntwana osemncane. “ Siyazwelana nomndeni olahlekelwe ngumntwana abebenethemba lokuthi uzoba nekusasa eliqgakazile, kodwa akasekho emhlabeni,” esho. Uthe abezimo eziphuthumayo bazohambela lomndeni olahlekelwe ilunga lawo ngokukhulu ukuzuma nobuhlungu ngendlela ahambe ngayo. “ Lezimvula ezinamandla zishiye imindeni eminingi isele dengwane ngoba izindlu eziningi ziphephukile kwathi ezinye zabhidlika,” usho kanje, elanda ethi lezimvula ezinamandla azigcinanga ngokundlula nomphefumulo nokucekela phansi izindlu kodwa zicekele phansi nenqalasizinda efana nezigxobo zikagesi, okubangele ukuthi nawo uhambe ezindaweni ezikhahlamezekile. Uqhube wathi izindawo ekhahlamezekile kakhulu kuseWembezi , Escourt, Inkosi Langalibalele, Nhlazatshe, Ulundi, Ozwathini, ipulazi eMhlongo kanye neseBaqulusini. Kuyadabukisa ukuzwa nokubona ukuthi lezimvula ezinamandla esezindlule nemiphefumulo eminingi ngenyanga ephelile , zisaqhubeka nokukhahlameza izakhamuzi ziyishiye isele dengwane. “ OMasipala abaning basebhizi balungisela izakhamuzi ezakhahlanyezwa zikhukhula, zaphinde zacekela phansi inqalasizinda,” eqhuba. Ulande wathi izakhamuzi eziningi zilahlekelwe izindlu izimpahla ezibalulekile ezifana nomazisi nokunye okuningi, okufana nempahla yasezindlini. Uthe akugcinanga ngokulahleka kwempahla kodwa nemishanguzo yabaningi yacekeleka phansi ngenxa yezikhukhula. Uthi siyaxhumana neminye iminyango kahulumeni efana neyezempilo, owazesekhaya, SASSA kanye neminye ukuze ilekelele. Uphethe ngokuthi abezenhlekelele nabezimo eziphuthumayo bakhona kubo bonke omasipala ukubhekelela izinhlekelele , njengoba izimvula ezinamandla zisaqhubeka.