IMOTO yemigulukudu esale enkundleni. Isithombe.SITHUNYELWE
KUSALE imigulukudu emihlanu enkundleni ngenkathi ibidubulana namaphoyisa ngeSonto ebusuku eLindelani, eNtuzuma.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa abelandela umkhondo wemigulukudu ebihamba ngezimoto ezimbili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni , kusale enkundleni imgulukudu emihlanu ngenkathi ibidubulana namaphoyisa.
Uthe esitatimendeni amaphoyisa abelandela umkhondo walemigulukudu ebihamba ngezimoto ezimbili futhi ibihlele ukuyobamba inkunzi kuhlonyiwe kwelinye lamabhizinisi aKwaMashu. Kuphinde kwavela ukuthi lezimoto zemigulukudu ezimbili bezipake emgwaqeni ekhoneni lika Mdubu no Melusi.
“Le migulukudu kubikwa ukuthi kubekhona nokungazwani kahle phakathi kwayo yabe isiqala ukudubulana, okuthe amaphoyisa engenelela le migulukudu yaqala yadubula ibhekise emaphoyiseni kanti nawo amaphoyisa aphendule ngezulu lezandla kwasala abane enkundleni kwati owesihlanu yena watholakala esigangeni eseshonli enamanxeba okudutsgulwa njengoba ubezama ukubaleka kusho uColonel Netshiunda.
Uqhube wathi esitatimendeni amaphoyisa athole izibhamu ezintathu kulemigulukudu eshonile.
“Ngenkathi kunokudubulana alikho iphoyisa elidubulekile,esho uColonel Netshiunda, eqhuba ethi abasolwa ababili abalimele ngenkathi kudutshulwana batholwe besesibhedlela esiseduze kanti nophenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.