KUSHAQWE izidakamizwa ezibiza imali ewu-R15 million ngentengo yasemgwaqeni ochwebeni lwase-Richards Bay Port , ngoMsombuluko mhlaka 22 April 2024. Kuvelile ukuthi amaHAWKS, Richards Bay Serious Organised Crime Investigation, King Cetshwayo District Task Team, Richards Bay ORS, Local Criminal Record Centre, South African Revenue Services Customs, U.S. Drug Enforcement Agency (DEA), Transnet Port Terminal Security kanye nenkampani yonogada ezimele, bathole amabloko ezidakamizwa zohlobo lwe-cocaine uma ungena kuchweba i-Richards bay Port. Okhulumela oKlebe (HAWKS), uLt-Col Simphiwe Mhlongo uthe esitatimendeni lomkhumbi ubuqhamuka e-Columbia uyongena echwebeni i-Richards Bay Port, ngenkathi lezinhlaka esezibalulwe ngenhla zilunywa indlebe ukuthi lomkhumbi uthwele izidakamizwa, zase seziggasela khona. “ Kodwa lomkhumbi bekubikwe ukuthi uthwele insimbi isuka e-columbia iza e-South Africa, kodwa amaphoyisa athe uma elunywa indlebe abe eseyogada lomkhumbi, othe uma usuzongena echwebeni awuvimba, awusesha abe esethola amabloko ezidakamizwa ezingabiza imali ewu-R15 million , ngentengo yasesitaladini,” esho. Uthe uphenyo lwesikhashana selwenziwe kwabe sekutholakala ubufakazi obuthizeni, kodwa akukaboshwa muntu kulesigameko sokushaqwa kwezidakamizwa. OyiNhloko KwaZulu-Natal we-Directorate for Priority Crime Investigation , uMaj-Gen (Dr) Leseja Senona, usishayele ihlombe lesisenzo futhi usamukele kakhulu sokuthi kushaqwe izidakamizwa ezingaka zingakangeni ochwebeni. Uthe njengoPhiko loKlebe bathanda ukubonga kakhulu zonke izinhlaka ebezibambisene ngenkathi kuqashelwe nasekushaqweni kwalezidakamizwa. Uphinde wabonga kakhulu kulaba abangekho ngaphansi kophiko loKlebe , ngomsebenzi abawenzile bebambisene nalo lolu phiko oselubalulwe ngenhla. “ Baqinisekisile ukuthi lezi dakamizwa azifikelanga ezitaladini lapho bezozobulala khona isizwe,” esho. Uphethe ngokuthi unxusa oKlebe nazo zonke lezinhlaka ezibambe iqhaza elikhulu ekuvimbeni lezidakamizwa ukuba zingasabalaliswa emphakathini, ukuthi baqhubeke nomsebenzi omuhle abawenzile, kulwisane nezidakamizwa ezisatshalaliswa ezitaladini zakuleli.