KUTHOLAKALE isidumbu somuntu wesifazane ebese sonakele edanyini i-Preaston , e-Glencoe ngoMgqibelo.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa ase Glencoe asevule icala lokuba kuphenywe ngokutholakala kwesidumbu somuntu esitholakale edanyini i-Preaston , e-Glencoe.
Okhulumela amaphoyisa esiFundeni uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni , kutholakale isidumbu somuntu wesifazane edantini i-Preaston, e-Glencoe , ebese sonakele kakhulu.
Uqhube wathi esitatimendeni, lesi sidumbu somuntu wesifazane sitholakale sesonakele kakhulu kanti ngenkathi sitholakala lona wesifazane ongaziwa ubegqoke okwangenhla okunemibala osa orintshi.
“ Lesi sidumbu sizohamba siyohlonzwa ukuba ngabe ngesikabani,” kusho uConstable Nkwanyana, eqhuba ethi , lokhu kuzonceda ukuba kutholakale ukuthi esaluphi uhlanga.
Uphethe ngokuthi , amaphoyisa anxusa na noma ngabe ngubani ongaba nolwazi olungaholela ekutheni kutholakale izihlobo noma abomndeni ukuba beze phambili, kanti ongaba nolwazi noma isihlobo esidukile angashayela umphenyi wecala uSergeant Zungu kulezinombolo 0715769285 noma amaphoyisa ase Glencoe SAPS 0343290007 kanye nakulezinombolo SAPS Crime Stop number at 08600 10111 or through the MySAPS App.