UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal usuxwayise abafundi ukuba bayeke ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ezifana noTik Tok ezinobungozi futhi eziholela ekutheni bavelelwe zingozi futhi ezingabulala nobubona uqobo. UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka uthe kuzokhumbuleka ukuthi izinkundla zokuxhumana zingaba nobuhle futhi zibe inkundla eyakhayo kodwa siyabanxusa abafundi ukuba bahlukane nokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ngoba sinezinselelo eziningi ezingaba nobungozi ziphinde zishintshe nendlela abantwana abaziphatha ngayo. “ Sikubeka phambili ukuvikeleka nokuphepha kwabafundi, sikubeka phambili , asifuni abafundi babeke izimpilo zabo encupheni ngokusebenzisa zona izinkundla zokuxhumana budedengu,” esho. Uqhube wathi ufisela bonke abafundi basePinetown Girls High abalimele ukuthi balulame ngokukhulu ukushesha. Uthe nabo labafundi abalimele bebezimbandakanye noTikTok base bevelelwe ingozi. Uthe ubafisela ukululama ngokushesha bezokwazi ukubuyela emakilasini baqhubeke nezifundo zabo. “ Singumnyango sithanda ukukugcizelela lokhu okuthi abafundi abaqikelele ukuthi bayawahloniopha amapholisi esikole , baqikelele ukuthi ababasebenzisi omakhalekhukhwini ngesikhathi sesikole,” kusho uMnu Hlomuka. Uqhube wathi unxusa abazali ukuba bafundise abantwana babo ukuthi ababasebenzisi omakhalekhukhwini ngesikhathi sesikole baphinde bababeke ezindaweni eziphephile babasebenzise uma kunesidingo kuphela kanye nasekuphumeni kwesikole. Uthe lokhu kuzovimbela ukuphazamiseka kwabafundi ngesikhathi sesikole. Baphinde banciphise noma bagweme ububhoklolo obenzeka ezinkundleni zokuxhuma (cyberbullying), okwenzeka ezinkundleni zokuxhumana. Uphinde wanxusa abazali, amathishela ababheki babantwana ukuba bakhulume nabantwana ngokuvulelekile ukuze babazise ngobungozi bezinkundla zokuxhumana kanye nezinselelo abasuke bebhekene nazo ngezinkundla zokuxhumana ezingaphephile. Uthe kumele bakuqinisekise ukuthi bayaphepha ekusebenziseni izinkundla zokuxhumana ngaso sonke isikhathi. Uphethe ngokuxhusa abazali abafundi amathishela ukuba basebenzisane ukuze baqinisekise ukuthi abafundi bathola impilo engco