UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natal, uthanda ukuxwayisa abafundi nabazali ukuthi bangalokhothi bayobhalisa ezikhungweni zemfundo ezingombombayi noma ezingabhalise emnyangweni! Okhulumela lomnyango uMnu Muzi Mahlambi , uthe esitatimendeni abafundi kumele baqinisekise ukuthi bavakashela ezokuxhumana zika-Umalusi kuwww.umalusi.org.za, ukuze babhekisise khona zonke izindawo ezizimele ezibhalisiwe ukuze bezokwazi ukubhala izivivinyo zabo zikamatikuletsheni kanye nezokuchibiyela. Uqhube wathi uma ungakwazi ukungena kwezokuxhumana ungakhona ukushayela kulezinombolo, bese ucofa lapho bekulayela ukuba ucofe khona uma ukhuluma nabo ocingweni ukuze ubhalise. Uphethe ngokuthi kubaluleke kakhulu ukuthi abantu bakuqinisekise ukuthi babhalisa kuzo zonke izikhungo ezigunyaziwe hhayi lezi ezingombombayi.
Uhulumeni ubhizi uyakhuculula umonakalo odalwe zimvula KwaZulu-Natal
NGUNGQONGQSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi.Isithombe.SITHUNYELWE UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe esitatimendeni umnyango wakhe ubhizi ngokukhuculula esiFundazweni...